Nongoma Municipality

Call Website Contact the organization

Nongoma Municipality Follow Nongoma Local Municipality. Follow us on Twitter
Instagram
Follow us on TikTok .municipality

18/10/2026

AUDIO | SIMEMEZELA IZIMBIZO ZOMPHAKATHI KANYE NOHLELO LOKUSIZA ABANTU ABAFISA UKUZITHUTHUKISA EMPHAKATHINI‼️

LALELA, UFIKE NOMA KANJANI UNGAPHUTHELWA

📍 UYEZA UMTHIYANE - WARD 02 ESIBONELO COMMUNITY HALL 19 October 2026 ngo 9:00 ekuseni!
18/10/2026

📍 UYEZA UMTHIYANE - WARD 02 ESIBONELO COMMUNITY HALL

19 October 2026 ngo 9:00 ekuseni!

🟥 UYEEEZA UMTHIYANE ‼️

UBUYISELA OKWABANTU KUBANTU - IZIMBIZO ZOMPHAKATHI KANYE NOKUNIKEZELWA KWABANTU IZINSIZA ZOKUZITHUTHUKISA OKUBALWA AMATENDE, IZITOFU NAMABHODWE, AMATHANGWE, IZINSIZA ZOKUBIYA, IZITSHALO, IZINKUKHU NAMACHWANE NOKUDLA KWAWO, IMISHINI YOKUGUNDA UTSHANI, NOKUSUSA IZIHLAHLA, AMATAFULA NEZITULO NOKUNYE OKUNINGI…

Akafikanga ugalelekile UMhlonishwa uMeya wakwaNongoma Cllr Mbekezeli Zondo…

Uzohambela onke amaward ngokwamaqoqo kusukela ngomhlaka 19 kuya ku 23 October 2026, ezoletha lokhu abakucelayo bese ephinde ethatha izicelo ezintsha zomphakathi!

▪️ NgoMsombuluko, mhlaka 19, uzohlangana no ward 1, 2, 3, 5 no ward 22 ehholo laseSibonelo ku ward 02

▪️NgoLwesibili, mhlaka 20, kube ward 4, 6, 7, 8 no ward 20, ehholo lasoDushwini ku ward 6.

▪️ NgoLwesithathu, ziwu 21 October, kube ward 9, 16, 18 no ward 19, ehholo lase Bangamaye ku ward 18.

▪️NgoLwesine, ziwu 22 October, kube ward 10, 11, 12, 13 no ward 23, ehholo lase Makheme ku ward 11.

▪️NgoLwesihlanu, ziwu 23 October, kube ward 14, 15, 17, no 21 ehholo lakwaMinya eward 21.

UYEZA UMTHIYANE, FIKANI NGOBUNINGI BENU, KUZOBE KUNANDISA AMACIKO ENDAWO, KANTI EZOKUTHUTHA ZIHLELIWE XHUMANA NOKHANSELA NOBUHOLI BANGAKINI!


▪️UMHLONISHWA UMEYA UMBEKEZELI EMANUEL ZONDO UDLULISA OKUKHULU UKUTHOKOZA NGEMPUMELELO YOMQHUDELWANO KACOTHOZA, OSWENKA ...
18/10/2026

▪️UMHLONISHWA UMEYA UMBEKEZELI EMANUEL ZONDO UDLULISA OKUKHULU UKUTHOKOZA NGEMPUMELELO YOMQHUDELWANO KACOTHOZA, OSWENKA NONOBUHLE OBUBANJELWE EHOLINYOKA HALL…

Abantu bebephume ngobuningi bahlala kwaze kwaphakathi namabili bebukela amaqembu esicathamiya abawathandayo okubalwa Zulu Messengers, Royal Messengers, King Messengers, ebizocula okokuqala ngqa selokhu isunguliwe yafike yadla unumber one, kuyoyonke imikhakha ebiyingenele.

Ebelinganiselwa ku 17 amaqembu ebeqhudelana kanti imikhakha ibimithathu, Local, Open bese kuba no qhudeqhude. Bekukhona namaqembu kaCothoza aphuma eDumbe naseBaqelusiini.

UMhlonishwa uMeya uMbekezeli Zondo uhlale kwaze kwayophela nabathandi bomculo wamanono. Ngaphambi lokuthi kudlale ucothoza kube nomdlalo wamanono okungoSwenka noNobuhle, nakhona izinga beliphezulu kakhulu.

Ephawula UMhlonishwa uMeya uZondo, ubonge umphakathi ukuthi uphume ngobuningi bawo, wabonga amaqembu ngokuqhudelana ngokuthula. Wase wenza isibophezelo sokuthi lomqhudelwano kuzomele linyuswe izinga lawo wathi uhlose ukuthi udlale kabili ngonyaka ukuze ikhono likhupheke. Ube esebongela bonke abanqobile.

Imiklomelo ibilinganiselwa ku R60 000 masiphelele kanti namaciko abonge kakhulu kumkhamdlu wakwaNongoma ngokungabakhohlwa.


17/10/2026
17/10/2026

KUDELA UMAKHASANA - YENA OZIBONA ZIBULALANA‼️

Woza nombolo


17/10/2026

COTHOZA MFANA‼️

Uwulethelwa umkhandlu wakwaNongoma, oholwa UMhlonishwa uMeya uMbekezeli Zondo.

📍 Holinyoka Community Hall


17/10/2026

COTHOZA MFANA‼️

📍 Holinyoka Community Hall

Uwulethelwa umkhandlu wakwaNongoma

17/10/2026

COTHOZA MFANA‼️

📍 Holinyoka Community Hall

▪️USEFIKILE UMTHIYANE EHOLINYOKA COMMUNITY HALL‼️Umqhudelwano womculo kaCothoza, oSwenka noNobuhle.
17/10/2026

▪️USEFIKILE UMTHIYANE EHOLINYOKA COMMUNITY HALL‼️

Umqhudelwano womculo kaCothoza, oSwenka noNobuhle.


Address

Lot 103, Main Street
Nongoma
3950

Opening Hours

Monday 07:30 - 16:00
Tuesday 07:30 - 16:30
Wednesday 07:30 - 16:00
Thursday 07:30 - 16:30
Friday 07:30 - 15:00

Telephone

+27358317500

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Nongoma Municipality posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Organization

Send a message to Nongoma Municipality:

Shortcuts

Share