UMzinyathi District Municipality

Directions Website

UMzinyathi District Municipality Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from UMzinyathi District Municipality, Government Organization, 39 Victoria Street, Princess Magogo Building, Dundee.

Umeya uluqede nya usizi lwamanzi eNzala, eMvotiNamhlanje uMhlonishwa Meya wesiFunda uMzinyathi uCllr TH Mchunu ubewavula...
15/10/2026

Umeya uluqede nya usizi lwamanzi eNzala, eMvoti

Namhlanje uMhlonishwa Meya wesiFunda uMzinyathi uCllr TH Mchunu ubewavula eNzala , eMvoti amanzi.
Abantu baka Ward 12 sophinde bakhe amanzi emthonjeni bawaphuze nezinkomo njengoba sebenamanzi aphuma kompompi.

UMhlonishwa Meya uthi lamanzi aseNzala ayingxenye yohlelo lwama-ward based programme okuwuhlelo olwenziwa uMzinyathi ukuthi iwadi newadi ithole amanzi.
Amawadi asehlomulile kulolu hlelo eMvoti kubalwa eNseleni, Woolstone,Hlomela
Mbulwane naseNzala.
Amawadi azovulelwa amanzi eMvoti kulonyaka awu-10 eMsinga awu-15 , eNquthu awu-13 kanti eNdumeni awu-5.

UMhlonishwa NgoLwesibili oluzayo uzowavula eNquthu.
Ilunga lomphakathi uMnu PZ Ngubane uthe bajabule kakhulu ngamanzi. UMzinyathi ubaxazulele inkinga yento ebisikhathazile endaweni izingane zibuye esikoleni zihambe amabanga amade ziyofuna amanzi. Sibonga asiphezi eMzinyathi ngalentuthuko enisenzele yona, " esho.

UMEYA UTHI MASILWISANE NOBUGEBENGUNamhlanje UMhlonishwa Meya wesiFunda uMzinyathi  uCllr Thembisile Mchunu  ubebizwe ngu...
14/10/2026

UMEYA UTHI MASILWISANE NOBUGEBENGU

Namhlanje UMhlonishwa Meya wesiFunda uMzinyathi uCllr Thembisile Mchunu ubebizwe nguNdunankulu wesiFundazwe uMhlonishwa Thami Ntuli ukuba abe yingxenye yembizo elwisana nobugebengu ebiseMondlo.
Ukumenywa kukaMhlonishwa Meya wesiFunda uMzinyathi kanye noMeya waseNquthu yingoba kunamawadi amabili aseMzinyathi asemngceleni weZululand.

Umgomo kaMhlonishwa Meya ngobugebengu ucacile uthi ubugebengu ngeke bunqandwe ngamaphoyisa kuphela kodwa buyoqedwa umphakathi oyosho ngezwi elilodwa uthi: 'Enough is enough' asibufuni ubugebengu la.
UMeya umema uMzinyathi wonke ukuthi bawusukume kuliwe namasela antshontsha imfuyo, kuliwe nabadayisa izidakamizwa, abadlwengulayo. Isigebengu singafihlwa kodwa sicetshwe sivalelwe.

14/10/2026
USALE UHLEKA WODWA UMPHAKATHI WASEMSINGA. Siphelile isililo samanzi eGunjana eMsinga kuward 2 ngaphansi kukakhansela uMb...
13/10/2026

USALE UHLEKA WODWA UMPHAKATHI WASEMSINGA.

Siphelile isililo samanzi eGunjana eMsinga kuward 2 ngaphansi kukakhansela uMbatha njengoba umkhandlu wesifunda uMzinyathi oholwa ukhansela TH Mchunu obuzokwethula uphase 4 wohlelo lwamanzi kulendawo odle isamba sika R 19.2million. Kuzofakwa ompompi abangu 35 bese kuhlomula imizi ebalelwa ku-1170. Sikhuluma ngemizi ezophuma osizini lamanzi njengoba eshiywe egxagxaza.

UMhlonishwa Meya wesiFunda uMzinyathi unxuse abantu baseGunjana ukuthi bayiqaphe ingqalalasizinda yabo. "La manzi afakelwe nina ingqalasizinda yiphathiseni okwezikhali zamantungwa. Sekulele kini ukuthi amanzi niwaphatha kanjani. Kodwa ngyathokoza futhi ngizwile ukuthi amanzi ayaphuma, ngifisa nisho uma kukhona lapho engaphumi khona ukuze sizolungisa. Kuba buhlungu ukuthi kufakwe amanzi endaweni kudlule izinyangana nje uzwe sekuthiwa awasaphumi , kwantshontshwa okuthile uzibuze ukuthi abantu bafunani ngempela. Ngiyacela ningakwenzi lokho kubi, " kusho uMhlonishwa Meya.

Umeya uqhube wathi kunama borehole awu 38 afakiwe eMzinyathi wonkana sibala eMsinga ama borehole angu 15, eNquthu sivule ama borehole angu 13, bese kuba seMvoti azoba ngu 10, sivale ngeNdumeni azoba ngu5 okuzothi uma usuphelile lomsebenzi wehlise umthamo omkhulu wengcindezi yamanzi kwisifunda sethu uMzinyathi.

13/10/2026

FOR IMMEDIATE RELEASE
13 OCTOBER 2026

MUNICIPALITY ISSUES APOLOGY AND UPDATE REGARDING WATER SUPPLY REDUCTIONS IN DUNDEE AND GLENCOE

DUNDEE / GLENCOE — The Municipality sincerely apologizes to the residents of Dundee and Glencoe for the current reduction in water supply by Uthukela Water.

Uthukela Water has significantly reduced the volume of water supplied from the Thukela source, impacting the entire municipal distribution network. While the situation is affecting all areas, the shortages are being felt most severely in high-lying and furthest regions, specifically including Marikana, Madoshini, Matshotshombeni, Sithembile, Lindelani, and Sibongile.

Municipal management is treating this matter with the utmost urgency. Intensive, high-level discussions are currently underway with Uthukela Water management to identify the root cause, expedite corrective actions, and restore water supply to normal levels as quickly as possible.

To manage the constrained water resources equitably while the issue is being resolved, the municipality has had to implement strict water-shedding measures. We recognize the immense frustration and inconvenience this causes in daily life, and we deeply appreciate the community’s resilience during this challenging time.

We ask for the community’s continued patience and cooperation as we work closely with our bulk water provider toward our ultimate goal: securing a stable, reliable, and satisfactory water supply for every household in the region.

Residents are urged to use water sparingly, prioritize essential use only, and stay tuned to official municipal communication channels for further updates.

// END //

ISSUED BY: Umzinyathi District Municipality

We are HIRING ‼️🚨
12/10/2026

We are HIRING ‼️🚨

Kusasa UMhlonishwa uMeya uzobe eseMsinga eyovula ngokusemthethweni isikimu samanzi aseGunjana.
12/10/2026

Kusasa UMhlonishwa uMeya uzobe eseMsinga eyovula ngokusemthethweni isikimu samanzi aseGunjana.

IBE YIMPUMELELO iMayoral Cup yoMzinyathiUMsinga United FC yiwo odle umhlanganiso wabahlula bonke omasipala ubebeyingxeny...
10/10/2026

IBE YIMPUMELELO iMayoral Cup yoMzinyathi

UMsinga United FC yiwo odle umhlanganiso wabahlula bonke omasipala ubebeyingxenye yalemidlalo wakhala wemuka nesamba semali ewu-R10 000.
Umasipala waseNquthu ulale isibili wahamba nesamba sika-R5000.

Kwabesifazane oChampion iDundee Spurs yaseNdumeni nabo bathole isamba sika-R10 000. Abalele isibili baseNkosi kaSithole bathola R5000. Abanye abebeyingxenye bathole ijezi lebhola.

UMhlonishwa Meya woMzinyathi uCllr TH Mchunu ubonge bonke abantu abasha abebeyingxenye yalemidlalo esho khona ukuthi ukudlala kuyasusa intsha ezintweni ezimbi.

Unxuse bonke abebethamele lemidlalo ukuba bazinakekele , bangahlukumezi abantu besifazane nezingane, bashayele ngokucophelela emgwaqeni bangadali izingozi kwazise le nyanga esikuyo yitransport month iphinde ibe yiBreast cancer awareness month. Ubatshelile nabasifazane ukuthi banakekele impilo yabo bazihlole izifo eziwumbulalazwe njengayo ibreast cancer.

Address

39 Victoria Street, Princess Magogo Building
Dundee
3000

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when UMzinyathi District Municipality posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Shortcuts

Share