Shout out to my newest followers! Excited to have you onboard! Lestud Les Mbuso, Nkokhelo Imbongi
Mzo imbongi
Imbongi yokuthul noxolo ezothando
Imali Ayisoze yaluthenga uthando
Imali iyawavala amehlo othando
Bese ukhohlwa umuntu omthandayo
Bese ukhohlwa Yinto ebalulekile kuwen
Ngenxa yemali , Bese uthanda Imali ukhohlwe Yinto ebalulekile
Lamula dokototela
# iyaqhubeka
Ngiyaxolisa mama
Ngiyaz' ukuthi ngikuphoxile
Ngayaz' ukuthi ngikwenzile inhlekisa
Ngiyaz' ukuth' uyangizonda
Kodwa ebengikwenza bengenzela wen nezingane zakwethu ezincane
Nam bengibuka nesimo
Uma kuthiwa angikwenzang lokhu
Ngabe maning amathuna layikhaya
Mhlampe ngabe kuvalwe ngehlahla
Hlezi kuthiwa alikho ithuna lendlala
Min ngikhuluma ngoba kusale kancane liphume
Lapho emphakathini besingafunwa
Kwazise phela silala kwandlwana
Nam angiziqhenyi ngesenzo sami
Bheka manje sekunendlu eqinile
Nathi sesikwazi ukulunguza ngamafasitela
N**i nezingane zakwethu zogogodile emfundwen aphakeme
Kodwa mama usangibambele igqubu
Kusho ukuthi isono sami ngikutshel ukuthi lemali ngiyithola kanjan
Kodwa ubujabula mangifike nezinto ezimnandi
Namhlanje uyakhala ungibiza ngesiqalekiso
Ubungabuzi ngani ngisafik nezinto ezimnandi ukuthi ngisebenzaphi
Ubungabuzi ngani ngenkathi ngivusa indlu uthi imali ngiyithathaphi
Kodwa angikubeki cala nam
Ngiyathemba ukuth ngelinye ilanga ngiyoluthola uxolo lwakho
Yaz thin bantu besilisa sinenking yokulingwa umuntu wesifazane akhulum aze akuhlohloloze ngomunwe ngob nakhu ethembe ukuth um umshay uzokubophisa nom akushiye . Isikakhulukazi um azi ukuthi uyedwa kuwen ududwa ukuth um ekhulum uyathul nom usephuthen yen abon kungcon akugibel ekhanda akesikhulume sibonisane ukuth singasizan kanjan kulenkinga
Ngyaxolisa mama namhlanje ngyayiqedela
Ngiyaxolisa mama
Bengifisa ukukukwazisa ngalento
Kodwa bengisaba ukuth uzongithethisa
Kodwa ngoba sewuyazi kulungile
Sengizokhuluma iqiniso
Konke ebengikwenza ngenzela nina
Ukuthi nikwazi ukulala nidlile
Ngiyazi nginidlisile ukungcol kwami
Kodwa angiziqhenyi ngiyaxolisa
Bengenzela ukuthi ngikwazi ukufunda
Ngenzela ukuthi ngitholr okuya ngasethunjini
Ngiyazi kumanje uyangizonda
Kodwa bewazi ukuthi bewungasebenzi ndawo
Konke obungenzel khon bewupatanisa
Ungalali ebusuk ucabanga ukuth uzodlan kusasa
N.......
Sanibonani kade sagcinana ezayo ithi
Mntanam ngabe kusayithempeli likankulunkulu yini leli?
24/02/2023
Ngob' awukholw' ukuthi ngiyakuthanda kungcon thatha nans' eyam' inhliziyo kuze uzozibonela kodwa waz' ukuth uma uyithatha,
Min ngobe sengingasekho
Sewulifisa lelithuba lapho kungelula ulithole
Sewusifisa lesisikhathi lapho ungeke usasithola
Ngizamile ukukubonisa ngezenzo
Ngizamile ukuthumela izipho
Ngizamile ukuphathisa imiyalezo kubangani
Wen wathi angisiyo itype yakho
Ngoba nakhu min kunezinto engingakwazi ukukukwenzela zona
Wabona kungcon ukhohlwe imina
Kodwa' akusasizi ngob' usizi kimina yint' ebhalw' emehlweni
24/02/2023
Yaz siphila ngomusa kajehova kodwa asiboni thin ngisacela sibong ukuphila if usaphila inyama isahlangene nomphefumulo uth ngiyabong nkosi
Click here to claim your Sponsored Listing.
Location
Category
Contact the business
Telephone
Website
Address
Durban
