Sanibonani ninjani???
Izincwadi zesizulu nezinkondlo with khula sboniso
igama lami nguKhula Sboniso Lana ngitshengisa abantu ngekhno lami ngizimisele ukuthi ngelinye ilanga izincwadi zesizulu with khula sboniso
Umbhali.KHULAH SBONISO
Isihloko.UMVUZO UZOWUTHOLA
Isqephu.SESBILI
Yabonanje maZulu lento yakho angiyizwa kahle uthi uthole ingane enjaneke esho uMkhize ekhipha ugwayi wakhe nephepha lokusonga.uMaZulu ngomoya ophansi Ku njengoba ngichaza njebaba Mina angiboni into eyinkinga nje ngoba ingane efana nezinye izingane.UMkhize ngolaka ayi LA emagcekeni ako Mkhize kungavuka okhabazela emathuneni Mina angsoze ngaba nengane enje futhi ngingathi ngilibeka nawe uyaliyeke laleka nkosikazi ngoba okucacayo ukuthi bungijolela ngfuna uma ngibiya laphaya ejoyintini ngibuye ungasekho la emagcekeni akokhabazela.MaZulu ukhuluma ngokukhala baba ngoba uyazinje angisenamuva uthi angiyephi ngampela nje.UMkhize ngolaka endodeni yakho leningenza islima nayo uma senithola ingane enjena senizoyisulela kuMkhize anghambe futhi kungaze konakale
UMaNxumalo uxoxa nomamezala wakhe
Awu wakhombisa ukungangijabuleli nje kodwa nokwenza kuyingane yomfana ezoba indlalifa noma udinwa ukuthi sekuphelile ukungibiza ngenyumba ngeke usahamba uphuza itiye ngegama lami.Umamezala ngokubhuqa cha ngiyakuhalalisela kodwa ngimdala mangimngaka khna uMvuzo uzowuthola lengane akuyona yalekhaya noma bumjolela undodana wami kodwa ke thatha lamazwi akukho okufihliweyo okungeke kuvele
Umbhali.KHULAH SBONISI
isihloko.UMVUZO UZOWUTHOLA.
Isqephu.SOKUQALA
Kusesbhedlela eMshiyeni endaweni yaseMlazi kwa V I section kuseyizikhathi zasekuseni impela yize nelanga lingakacacisi noma lizobe likhiphe umkhovu etsheni noma lizobe libafazi bedube inyama.
UMhlengikazi useze wabambelela esihlathini impela ngesikhathi elalele uManxumalo owabe ebukeka ekhathazekile impela njengoba izinyembezi zizigibhozela nje kuyena.UManxumalo ukhuluma ngokukhala njengobake ngichaza Mhlengikazi kowami umshado angikaze ngikuthole ukuphumula umamezala wami ungibiza ngenyumba uhlekisa ngami phela sesinemnyaka eyamashumi nambili singabatholi abantwana nomnyeni wami.Losuku llona ebengizitshela ukuthi elenjabulo yami kanti ngizophoxeka kanje ngeke Mhlengikazi kuzomele zenze isu ungshintshele lengane phela ngingaphinde ngibe ihlaya kumamezala nginengane eyi ALBINO ziqede zehle kakhulu izinyembezi kumanxumalo.UMhlengikazi ngomoya ophansi kanti mama khululeka ingane isipho esivela kumdali futhi ke umuntu onebala elimhlophe umuntu njenganathi kuzomele ufunde ukuthanda ingane yakho nje qha.Uphinde uyivikele kulezinswelaboya ezikholelwa ukuthi ziyumuthi lezingane ezidaleke kanje abantu basadinga ukufundiseka kakhulu ngaloludaba.UManxumalo Mhlengikazi ayikho inhlobo yemali engengenayo ngcela ungsize ungenzele Loku engikushoyo unjani ngzokunika u50thousands.UMhlengikazi ngokuthuka wajuluka ngesikhathi awu eyi ayi ksasa ophumu kuqonde yonke into uma usukhuluma ngemali ayi uyakhuluma iyona into esayizela lemhlabeni ngsamba ngzobuya .
UMhlengikazi uxoxa nomaZulu khona kwelinye lamagunji ekulele khona abanye futhi asebebelethile.UMhlengikazi ngomoya ophansi mama kade ngbheka Lana ingane yakho iphila ne albinosm phecelezi inebala elimhlophe engikutshelela kona ukuthi uyingane njenge zinye izingane ungambandlululi muphe uthando umkhuluse ngendlela efanele.UmaZulu ngomoya ophansi awu mtanami ngyakuzwa ngizoyithanda ingane yami njenga lezi ezinye phela isipho sankulunkulu
INGANE AYINACALA IYAQHUBEKA NGZOYIFAKA 2DAE
umbhali Khulah Sboniso
isqephu.sokuqal
isihloko.Ngeke Bashade
uMaMzobe uxoxa noNdlovu umkhwenyana wakhe owayesezicijise ngesudu yakhe yakanokusho kwazise banendlela namhlanje.Ndlovu ngolaka eyi kambe ninjalo Nina bafazi nibamba niyeka ulokhu wanda ngomlomo bheka nje iskhathi sesidliwe yinja kanjani uthi sisazoyifica nje le khumbi ehamba ngehora leshumi.UmaMzobe ngomoya ophansi sale sewuxola Gatsheni wami ayidle izishiyele baba sengiqedile nami ukuth nje bengs .Engabe eseqeda umaMzobe amngene emlonyeni uNdlovu asphume phela uma usuqedile yabo umfanawami uSboniso ngifuna ukwenza ngokusemandleni ukuthi zonke izinto zakhe zomshado ngizithenga zonke ngoba eyi lomfana usesebenzile sesizoba nomalokazane nje ngenxa yakhe.esho enikina ikhanda ehleka kancane aqede ajeqeze umaMzobe Naye ubuso bakhe obabubhalwe injabulo ebusweni.
Kusemagcekeni akwaCele unDosi uyashabasheka emnyango wehla wenyuka ngathi uchatha uhlanya.umaDuma ekhuluma noCele awu kodwa baba kwenzenjani wakhuluma wedwa wehla wenyuka nje yin ngempela.uCele ukhuluma ngokufutheleka kfanele kubenje kodwa namhlanje kuyozwakala ngeke Mina ngidlale umndeni wakaNdlovu umfana wakhona umoshe ikusasa lengane yami ekugceneni usengenza inhlekisa ushada nenye intombi ngithi ngeke ubekhona lomshado ngimfunge ubaba esemathuneni.UmaDuma awu baba sale sushiyela kumdali konke okwenzekayo ukhulule inhliziyo yakho ubayeke baba uyazi umfana ukuthi kungani ekhethe ukshada lentombazane azoshada nayo.uCele ngolaka yewena mfazi vala lomlonyana wakho ungaze uthole imbibizane ngiyazi namhlanje bayothengela umshado sobona ukuthi bazobuya yini izinto zami sengizicuphe ngiqedile ngithi ngeke ubekhona lomshado.
UMthokozisi usebenza emakhazeni ekhulela ekhaya funeral service njengoba ekhuluma nocingo nje usekhefini ukhuluma nesnqanda mathe sakhe uNozipho .Eyi lv I can't wait ukuthi kube usuku lwethu lomshado ukube kuyazenzelwa ngabe ngsekhaya ngizibambele mathupha amalungiselelo alendumezulu yomshado wethu pho bbe umsebenzi umsebenzi kodwa ikhehla lami lizokulungisa konke.UNozipho ukhuluma ngokuhleka bbe eyi nami angisakwazi nokulinda bbe eyi ngalana thina ekhaya sesilungise yonke into isimi ngomumo manjena.Lv ngibabonile abazali bakho belibangise estobhini eyi mebengeve begqokile kahle bungafunga sekuyusuku lomshado.UMthokozisi bbe ube ryt ngolwesthathu ngiyabuya nangu nomlungu esekhononda.
uCele uhleli esihlalweni sokugcina ekhumbini ukhulumela phansi nomaDuma.Nkosikazi uyayibona lemoto igijima kanjani nalomshayeli ngathi uphuzile nje.UmaDuma engaka phenduli kube engathi umzwile umshayeli uCele avele asinyuse kakhulu I speed ahluleke ukuzibamba uCele amemeze mtanami ease ugijim kanje sicela wehlise ijubane.Umshayeli yewena khehla kuyasetshenzwa Lana ufuna ngidlulwe abanye ozwakwethu ngokusebenza ekuvuleni kwakhe umlomo ushayeli kuvele ukuthi thaqu iphunga lagologo ligcwale ikhumbi yonke.sekuthulekile ekhumbini manje abanje bashaya iziphambano abanye bathi uzube nathi Shembe.abantu bendawo basebephumele eminyango besinga lemoto edla amagalane kanje kodwa ukuthi izokwazi yini ukubamba amajika angaphambili.umshayeli wekhumbi usewakhiphe wonke amahle ngoba isiyawufuna umgaqo uthe uma ethi umfanyaza amabhuleki lutho yaqala yawushiya umgaqo yashayisa udonga wathi uyayilawula lutho imoto ayisavumi yaqala yaya ngohlangothi yavuka yaya ngolunye yarola yaze yangena emhoshweni ibilokhu ikhipha ngamunye ngababili ngabathathu ifike isiyodwa emhoshweni maqede .yavutha
UMthokozisi uhleli emotweni ayishayelayo leyokuthutha izidumbu efonini yakhe udlala ingoma kaSfiso Ncwane ethi kulungile baba makuyintando yakho uthe esajule kanjalo kungene ucingo uma eqaphela I number angayazi ayibambe hellow.ndoda phuthuma emgwaqweni wasemandawe uzoland izidumbu kugingqike ikhumbi abebephakathi bashone bonke abemaningi ama hesi ngoba iningi labashonile lidlala umasingcwabisane lapho.luvaleke ucingo kumphathe kabi loko uMthokozisi ngoba phela indawo yangakubo leyo.Aqhubeke nengoma kaSfiso ethi klungile baba.IYAQHUBEKA.
Umbhali. KHULAH SBONISO
isihloko. UNGALAHLI NGEFESTIVE SEASON
Isqephu sokuqala
Kusemini yantambama umaMbhele uxoxa nendodakazi yakhe uSthokozile. Eyi lonyaka mtanami uhambise konyazi impela buka nje sekuyu Disemba khona manje nje nje sungaphika ukuthi bungalali wenza izivivinyo zakho zokugcina zakamatikuletsheni. Mtanami uziphathe kahle impela wangamitha usafunda bheka nje nanamanje usahamba umhlanga cha impela no yihlo wakho uyaziqhenya ngawe ekbeni esazoziqhenya kakhulu ngawe uma usuphume ephepheni lamatikuletsheni. USthokozile namahlonyana awu kodwa mama wase ungincoma kangaka ngoba phela alukho olutheni ongilenzile konke lokhu kumele kwenziwe inoma iyiphi intombazanyana esencane njenganami. UmaMbhele ekhuluma ngokumamatheka cha uqinisile mpela mtanami kodwa izwe selash*tsha manje umhlaba ujikile bangaki ontanga yakho abamithayo bemitha kuyiyona lefestive bangaki abashonayo ngenxa yayo lefestive ingakhoke ngikuncoma mina kodwake ngaloko angikuniki ukhiye indlela iseyinde impela uyobhekana nesenye isigaba sempilo manje impilo yase university manje ziningi izilingo ezikhona ngyakucela mtanami ungangiphoxi nakhona ukwazi ukudlula. USthokozile ngamahlonyana ayi khululeka mama ngeke ngiyazazi ngifunani empilweni nanokuthi ngiphuma ekhaya elinjani.
Uzama no Zandile abangani baSthokozile bayaxoxa. UZama yazi mngani mina manje sengidinwe loku kwangempelake manje njalo ekhaya uma ngiyalwa ngiyalwa Sthokozile kuthiwa ngoba umngani wethu sasala kanjani kuyena yini eyasimithisa yini eyasifaka otshwaleni sibancane kanje. Awubatsheli ngani ukuthi sangena otshwaleni sithi sibilala uvan dam kanti naye uzobula iksasa lethu and mina mngani ngeke ngikwazi ukwamukeka ukuthi nginegciwane ingakho nje nghlezi ngiziphuzele ngayeka neskole yin ebengizoyifundela ngibe ngizofa vele. Eyi kona mngani kunzima kodwa ngeke sife sodwa naye uSthokozile kumele ebile nalesifo phela siyabangani kumele sfane kungabikhona uzozenza ungcwele ngcwele ngcwele. Mngani singakwenza kanjani lokho. Awu kulula kakhulu uyabona njengoba kuyifestive ngizokwenza sho ukuthi ngifensa lowamfana waNgcobo lowu Mr serious naye ngimdakiswe ngotshwala bese ngilala naye emvakwalokho ngoba baqonde bobabili benoSthokozile ngokwenza sho ukuthi ngiyabahlanganisa ngeke adabule kuleyo plani. Awu kuzwakala kukuhle loko inkinga bobabili labantu okhuluma ngabo abaphuzi. Ayi khululeka mngani ngzomgoba lona ngimtshele ukuthi asizijabulise kuyi festive just once nje ngeke angavumi. Ayi mnganami kuko konke loku ngizokweseka ngoba phela kfanele sfanile
UNgcobo ukhuluma nomfana wakhe uSandile. Ayi nakanjani uyangena e Mangosuthu mfanawami. USandile ukhuluma ngokuzithemba awu baba nakanjani nd ephepheni ngizoziphasela ngamalengiso. UNgcobo ngokujabula amnandi lowo magama kodwake mfanawa njengoba kuyi festive ungalahli ngampela wenze izinto ongazazi uphuzane notshwala ube nezintombi ngoba angsaphephile lezweni. USandile ngomoya ophansi kanti ngethembe baba utshwala into ekude kabi nami awu yamantombazaneke angiyiphuphi noma ngilele. Kuthe kusenjalo kukhale ifoni yaNgcobo uma ebhekisisa inombolo angayazi lemshayelayo aphumele emnyango ayibambe hello. YA NDODA SEKUYENYE IFESTIVE MANJE LUTHO IMALI YOKUKUBULALELA INDODA KAMAMBHELE LUTHO UKUYIPHELELISA UQONDENI NGEMPELA. ubani lowo engikhuluma naye. USTIKS.
Umbhali. KHULAH SBONISO
isqephu. SOKUGCINA NGCI
ishloko. INGANE AYINACALA
Sekuyisemini bebade uNgcobo usevuke waba umqemane njengoba ezixoxela nomfana wakhe uSboniso. Ukhuluma ngomoya ophansi uNgcobo ya mfana wami inyanga ikubeke kwacaca ukuthi idlozi lidinwe kakhulu kfanele ngishweleze ngmbuzi kanti futhi amaphuthami wonke awele kuwena bakungcisha injabulo manje maduzane nje kuzomele siwenze lomcimbi khona nawe uzothola ukukhululeka mfana wami. USboniso ngomoya ophansi eyi baba labantu abalele basebenza ngenye indlela engaqondakali usholo ukuthi namanje abakadeli ukungizwisa ubuhlungu sebengenze kanje. UNgcobo mmmh mfana wami kuthiwa kusekuncane loku emuphutheni ami engiwenzile ilezingane engangazondlanga ilabomama bazo engabalahla. Sboniso ayi ngiyakuzwa baba ngisaya kumandisa baba ngale ekamelweni lakhe. UNgcobo umtshele boo angiphuthume ngetiye ngafa ukoma. USboniso ngzokwenza njengoba usho baba. Nebala anikele khona.
Uthe uma efika endlini kukhala ibhungane kukilinwe kahle impela uSboniso ememeza Mandisa Mandisa. Lutho kuzithulele nje kuthi ngesikade uSboniso athathe umakhalekhukhwini wakhe amfonele luvele lukhale khona khona layindlini ucingo lwa Mandisa lubekwe phezu kwesihlalo kwase kuba khona incwadi ebhaliwe. USboniso ayithathe ayifunde. SBONISO NGIBONE KUNCONO UKUTHI NGIHAMBE MINA ANGIKWAZI UKUKWAMUKELA NJENGO BHUTI WAMI MINA NGISAKUTHANDA OKWAMANJE ANGAZI NOKUTHI NGIYAPHI NOMA INDLELA YAMI ISIYA EKUFENI OKUNYEKE SBONISO NGICELA UYOSHEKHA IGAZI KHONA UZOKWAZI UKUDLA AMAPHILISI KUSENESIKHATHI KANTI ESIBHEDLELA BANGITSHELE UKUTHI LENGANE IKHUBAZEKILE. livele lidume kakhulu ikhanda kuSboniso uyasukuma ahlale phansi akazazi enzenjani ngempela kuthe kusenjalo kukhale ucingo lwakhe uSboniso uma ebheka u Amanda. Alubambe. Ukhuluma ngokukhala u Amanda yebo Sboh noma ngsaphila kungenxa yokuthi ngithanda wena. Isazathu sokuphila kwami uwena ngalekwakho akukho engikuphilela ngcela uphuthume manje Sboh uze kumina. L**e luvaleka ucingo lidideke kunakuqala ikhanda laSbonisoh nebala adumise imoto aqonde khona.
UmaNene uxoxa no Amanda. UmaNene ngolaka angani wambona ubaba wakho wangcwatshwa phambi kwakho ungazamike ukungishayela umthetho kukwami lana. U Amanda kodwake mama ukufaka inzila ukhombise ukuhlonipha bekunani nje ngempela kodwa wena lomuzi suvele wawuphendula kwampunzi edlemini ushintshanisa amadoda akukapheli ngisho nesonto ubaba eshonile. UmaNene awuzwanga yin ukuthi akusiyena ubaba wakho loya. U Amanda cha awunahlazo uze uyayisho nje nawe lonto lalelake ngikutshele mina ohlezi eyubaba wami ngimuthanda futhi. UmaNene wena vele ngikugxoshile angsakudingi lekhaya uthe nje uma Nene engakaqedi nokuqeda ukukhuluma kungene uSboniso ongasangqongqozanga nokungqongqoza ya Amanda ngiphuthume kwenzenjani. U Amanda angisenakhaya Sboh singiyisphazamiso kumama uyangigxosha. USboniso ayi kulungile asihambe u Amanda ethatha izimpahla ekade evele esezipakishiwe bephuma ngomyango beshiya umaNene esazithulele nje
Sebekendleleni bayazixoxela uSboniso uyabonake Amanda anginaso iskhathi sokudlala uwena ozongvusela umuzi wababa neskole lesi uzosishiya phansi uphatha amabhizinisi bese ungzalela umfana. U Amanda ngamahlonyana ngzokwenza noma yin Sboh ezokujabulisa suphoxeke kakhulu empilweni. USboniso mmmh ungabe usasho mtanomuntu sebozofika nje ngaserobhothini babone ingozi yemoto abuyele eceleni uSboniso behle begqonde khona beyobheka. U Amanda Sboh akasekhoke emhlabeni njengoba esesongwe ngo plastikhi bhimu kanje uthe esathi uyaphendela nje kantiseku vele kufika bosizo lokuqala ilekwazi khona ukubona ukuthi ngisho kuthiwani uMandisa lona osethulile.
NGYABONGO IYAPHELA LANA BAFWETHU
Umbhali. KHULAH SBONISO
isihloko. INGANE AYINACALA
Isqephu. SESIKHOMBISA
Lukhale ucingo luze luyeke aphinde azame futhi kuze kukhulume umfazi wamlungu liphithane kakhulu ikhanda ku Amanda ukuthi uzothathani ahlanganise nani njengoba abazalibakhe beyizigingqane lapha phansi. Aphinde azame futhi kuthe ngesi kade uMandisa asukume embhedeni ehamba kancane eyokhipha ifoni ephaketheni laSboniso. U Amanda yebo Sboh imina u Amanda ngidinga usizo lwakho kuyaphuthuma. UMandisa ngomoya ophansi sorry sisi akuyena uSboh lona usisi wakhe. U Amanda ngolaka ungazongenza islima wena u Sboniso akanasisi wakhe lalela lanake ukhuluma nomawe nganeyakhe lana ngzocela ushiye phansi indoda yami. U Mandisa ngokuthuka awu sisi ngathi uyadideka uSboh akanangane futhi okwamanje anginaso iskhathi saloko kuningi okumele ngikulungise. Uthe nje uMandisa engakayi qedeli inkulumo yakhe wezwa ngomuntu othi amanzi amanzi booh uma ephenduka uSboh nebala awakhe amphuzise inkulumo ya Sboh yokuqala nje evuka ekuqukeni aybo ngyaphupha nglele noma phela into eyenzeka ku ma movie lena nasezitorini yenzeka ngampela manje. UMandisa ngomoya ophansi Sboh okwamanje asikho isikhathi saloko thina okumele sibhekane nako ukulwela impilo kababa simyise esbhedlela. USboniso ayi ubaba lo akawazi nokuthi ungalaphi umyango wesibhedlela uhamba izinyanga lomuntu njengoba kuyi manje ngimuyisa kukhokhovula wenyanga nebala bamthathe bamfake emotweni.
Uthe nje u Amanda esagobodise ikhanda kuqhamuke isangoma sesingena sesigulukudeka. ISANGOMA sikhuluma ngolaka qhela mtwana ngoba kunje nje nje imbangela yenu ninonyoko wakho lona esho ekhomba umaNene idlozi lidinwe kabi lifuna ukukuphuca labazali bobabili bese libona wena uzoba yini kodwa khona ugogo wakho ulokhane ekuvimbe konke loko ingakho ngizoshisa lempepho umtshele ukuthi akatshele laba abadiniwe behlise umoya izinto nizozilungisa. Sambe ngendlela. Nebala u Amanda enze njengoba sichazile isangoma. Kuzwakale ngomaNene esekhuluma evuka phansi kuncono ngivele ngife ayikho into engisayiphilela ngizomubukelwa ubani nje uMchunu uma kunje.simngene emlonyeni isangoma umaNene sale usuthula useyabanda vele uMchunu akasekho emhlabeni. UManene no Amanda basholo phezulu ngesililo. ISangoma ngolaka niyakhala engabe niyajabula kodwa ekumele nikwazi akuzophela kanje ngoMchunu umphefumulo wakhe eyobuzwa kunina njengoku khipha kwenu.
UMandisa ukhuluma yedwa eyi yazi angazi ngempela kuzophilwa mpiloni kuqhubeka kuya lena sobukana kanjani nje mina noSboh ayi inkinga lena kodwa kumina yazi akukho nje okushoyo ukuthi ubhuti wami mina ngisamthanda ngothando lwasekuqaleni angimthathi njengomfowethu eyi manje inkinga angazi ukuthi ngozoyiqala kanjani neyokuthi esbhedlela bathola ukuthi nginegciwane lesandulela ngculazi kodwa bathi ingane bazokwazi ukuyivikela. Uma equleka futhi eyi kodwa ngimuyeke afe ngibe ngazi ukuthi ubulawa ilesifo ngenzenjani ngempela
Umbhali. KHULAH SBONISO
Isihloko. INGANE AYINACALA
Isqephu. SESITHUPHA
U Amanda usegunjini lakhe lokulala uxoxa nomama wakhe umaNene u Amanda ngokuthethetha buka mama sekuze kwaqedwa ukubhalwa izivivinyo zokuphela konyaka mina lutho ngilele lembhedeni nguyagula ngenxa yakho ungabanga umama oqotho kunaloko ungifundisa ukubulala buka ngizaca kanjani ingane iyangincela manje ibuza ukuthi yayenzeni mama kuthe ngisebumnyameni ngidukile ngidinga ukukhanya umuntu ozongibuyisela endleleni wafika njengomuntu ozongilethela ukukhanya ungifake endleleni kanti lutho uletha ubumnyama kunakuqala ungidukisa kunakuqala. Ahluleke ukuzibamba umaNene amngene emlonyeni ukhuluma ngolaka yewena sdwejana sengana awuzokhuluma nami engathi wehla emthini asilingani phela ngiseyunyoko njala. Kanti wena wawuthunywe yimina yini ukuthi ujahe izinto zabantu abadala. Okunyeke ngangeke mina ngilahlekelwe ilomshado wami ngenxa yakho yokugxegelwa ismilo ngilahlekelwe ilomuzi uyazi ngifike kanzima kanjani kulempilo. U Amanda mama muphi ubaba. UmaNene uhambile uye kwesinye isangima uyokuzamela usizo phela ukholelwa ukuthi uyasangana. U Amanda mmmmh eyi kwabuhlunguke loko ekbeni evele ezihambela ngesihlalo ubaba ugqilazeka kanje ngenxa yami. Nawe mama ulokhane ungithembisa uthi uzongigeza wenze ngendlela yakhona yokuvimba lengane engihluphayo kodwa lutho. Kodwake vele sengitholile indlela izolo ngiphuphe ugogo engitshela ukuthi indlela yokusizakala yinye ukuthi ngihlambuluke kubaba noSboniso ngokwenzeka. Kumshaye kuthi ayime inhliziyo umaNene athi uyakhuluma kodwa izwi livele lingaphumi nje ngenxa yokuthuka nokwesaba lenkulumo ya Amanda
UMchunu usesangomeni simtshela ngezinkinga zakwakhe. Isangoma mnumzane eyi umuzi wakho umile nje ngoba naku ukhona kodwa ngokwempilo eyaphambile ufule fi fi kuqhuba isangoma kanjalo maqedane sithemula bese sibuza lengane othi eyakho eyakho ngempela ngisho yona lohlala nayo. UMchunu ehlahla amehlo yebo makhosi eyami. ISANGOMA ayi nsizwa enye idlozi lakho lino laka kakhulu lonkosikazi owamshada isihogo somuntu sisho sithemula futhi kodwa mnumzane elanamhlanje loshona wazi lonke iqiniso konke loko kuzokwenziwa idlozi lakho likunakekela kakhulu belikufihlele zonke lezinto ngoba nawe ubunezimfihlo kodwa ngoba sugonyulukile ingakhi zonke izinto lizozi veza obala into ekumele uyenze uqine isbindi mnumzane ngoba zizokuthusa zonke izinto ezizokwenzeka namhlanje okunye kokugcina ungamtsheli umkakho ukuthi uhambe kanjani ngoba usekakhulu angaze azami imizamo yokuvimba wonke lamaqiso
U Mandisa uxoxa noSboniso eyi sthandwa sami njengoba ufika nje manje nami ukufika nje. USboniso awu uvelaphi ngoba phela wena iskole susiqedile sikulinde ephepheni nje kwaphela. U Mandisa ayi wena Sboh akuthi kulamasonto adlule bengingazizwa kahle ngathi angiye emtholampilo bangicilonge ayi bathole ukuthi ngikhulelwe futhi bathe ingane yomfana. USboniso ngenjabulo awu sthandwa sami izindaba ezinhle ngampela awu ave lizojabula ikhehla lami madoda ngyaziqhenya ngawe Mandisa ngiyaqala ukujabula kanje empilweni yami cha ngakudalelwa inkosi. Asukume amuwolele kuyena babambane iskhathi eside impela bebukana emehlweni kuthe kusenjalo kukhale ucingo lwaSboniso uma eqaphela kahle inombolo angayazi ayibambe yebo ngingakusiza. Yebo ungangisiza u Amanda lokhuluma naye ngicela uphuthume ekhaya manje nje nje kuyaphuthuma usheshe Sboh byeee. Luvake ucingo nabo badedelana. USboniso lv ngiyabuya manje nje khona lengisaphuthuma khona. Esho ephuma eqonda emotwini.
UMandisa uhleli embhedeni uzibukela izithombe kwi albam yakhe kuthe kusenjalo kungena uNgcobo awu sawubona koti uMandisa ngamahlonyana yebo ninjani baba. UNgcobo ayi siyaphila koti uphi uSboniso. Umandisa usaphumile baba. UNgcobo ngyakuzwa awu koti ngeke ngimdala uma ngimngaka ngibona kahle suzithwele wena. UMandisa ngamahlonyana kunjalo baba bathe umfana futhi. UNgcobo ngokujabula awu akabongwe ephezulu umakoti wokuthathwa ngempela esondela kuyena ezoxhawula
USboniso ya sengikhonake yin lephuthuma kangaka ngampela. U AMANDA hlala phansi uzwe kahle. UManene lapho kuthi akafe uvalo ujamele endaweni eyodwa uhleli ecelenk kwaMchunu uthe nje u Amanda esayiqala indaba kungene umfowabo kamaNene. Eyi ngixolise ukufika ninganilindele dadewethu nawe sbari eyi ngenziwa isimo sempilo izinto zami azilungi ngiphuma emajele sengisinde ngibulawa ezingizini zezimoto indlu yam. Yasha akulungi lutho sengiphuma enyangeni yathi angizi lethe mina ukuzosho ukuthi sbari u Amanda akuyona ingane yakho. UmaNene amngene emlonyoni baba ungamunaki umfowethu useyagula ngekhanda ngakhohlwa ukukutshele. UMchunu ngolaka thula wena qhuba ndoda nebala iqhube lendoda u Amanda ingane yami sasabs ihlazo wase emsulela ngawe. UMchunu ini ini ayi impicabadala lena lapho ukhuluma nje ukubambile ukudinwa usafuna ukuzwa loku kwa Amanda ukuthi uthini. Usbari kaMchunu suyongixoxela dadewethu ayikho enye indlela ngaphandle kweqiniso noma ngishona ngifuna ukushona sengihlambulukile senosalakahle esho ephuma. Azithulele nje UmaNene akekho nomnakile ukuthi kudala eziquleke amehlo asejame ubala. UMchunu ya qhubake Amanda uthini. UManda ukhuluma nje usevele waphithana ikhanda umaNene lona uyena owathi angikhiphe ingane yakho Sboniso iyonake into engigulisayo. USboniso ngokuthuka ini ayi angikholwa sebehleli bancikene uMchunu nomaNene naye uMchunu usejame njengomaNene
UNgcobo naye usebuka izithombe awu koti lezi ozivuyisele eceleni ezinjani zona. UMandisa azibambe azibekwe enhliziyweni cha phela lezi ezalobaba wami engingamazi okuyimanje engimdinga kabi empilweni yami. UNgcobo elula isandka awuthi ngimubone mhlambe kungenzeka ngimazi ethatha izithombe uthe ebuka sokuqala wajuluka kwesesibike uvele washeyake phansi. UMandisa awu baba baba baba ephuthuma ocingweni lakhe efonela uSboniso bbe plz phuthuma ubaba uyashona lana. Liphinde lidume kunakuqala ikhanda laSboniso nebala enzenjalo aphuthume khona.
Ufuki nje uSboniso uMandisa usazama ukumthela ngamanzi. Angene esegulukudeka kwenzenjani ngiphuthume. UMandisa besizibukela izithombe ngabona ngaye eseshayeka phansi. Awu ngabe ucasulwe yin ubaba madoda esho ethatha lezithombe ezikuye esandleni kuMchunu awu ubaba okade ezokutshengisa lezithombe eseyibhungu. UMandisa cha imina engimnikile uyena baba wami lolapho esithombeni. USboniso lidume kakhulu ikhanda kuphelile Mandisa ubaba wakho ubaba wami kodwa nkosi ngenzeni kuwe esho entenga eshayeka phansi naye uSboniso.
BALANDELI BALENDABA NGICELA UKUYIBAMBA LANA YONA AYIPHELI LANA KODWA UMA NISATHANDA IQHUBEKE SENGOBONA NGANI INDLELA ENIZO COMMENT NGAYO NGIYABONGA
Umbhali. KHULAH SBONISO
Isihloko. INGANE AYINACALA
isqephu. SESIHLANU
UMchunu uxoxa nomaNene ngohambo lwakhe ukuthi uhambe kanjani kwabamanga. UMchunu ukhuluma ngomoya ophansi eyi mkami ngiyacela ungixolele ngokungakwazisi iqiniso isangoma sikubeke kwacaca ukuthi konke lokulimala kwamj ukudinwa kwedlozi ukuthi mina nginezi mfihlo engikufihlele zona ekubeni sineminyaka eminingi sishadile. Saphinda saqhuba sathi into ezongisiza ukuthi ngigcine ngisukile kulesihlalo ukuthi ngivule isifuba ngako konke engikufihlele kona. UmaNene ngezwi eliphansi qhuba baba ngilalele. UMchunu nkosikazi ngakufihlela ukuthi nginezingane ngaphandle eyokuqala sahlukana nomawayo isesiswini eyisibili ngablukana nomawayo inonyaka owodwa eyomfana manje isangamo sithe kumele ngizifune lezingane ngizifake iziphandla zalekhaya ngoba kungenjalo lukhulu luyeza luyanyelala. Saphinde sathi sibona umuzi wami unesinyama sengane esesimweni engathi yadlula kabi emhlabeni yaphuphuphuma manje iyakhala ifuna igama layo kanti iyagodola ayigqokile futhi kungithuse kakhulu loko ngoba akuyena u Amanda lowo ongaphuphumelwa ingane akazi lutho u Amanda ngezomalala kuycaca uwena mkami. UmaNene uphendula uyagwajaza ngyakuxolela baba kulokhu odinga kukona uxolo ngizimisele ukubambisana nawe ekufuneni lezingane. Kweyesisu baba ngangikufihlelele ukuthi ngangingafuni ukuthi uthi ulimele ngibe ngikutshela izindaba ezinjengalezi. Uthe nje umaNene esaqhubeka nendaba yakhe baphazanyiswe umuntu ongqongqozayo kuphendule uMchunu ngezwi eliyibhesi ngena nebala bangane uZanele no Zama abangani ba Amanda bangena nje baphethe yena u Amanda lumshaye lumeqe uvalo umaNene ukhuluma ngokuthuka awu bantabami ngiphuthumeni kwenzenjani ngempela ngengane yami sekuyiskhathi sokuvivinywa kokuphela konyaka sebeyayi thakatha ingane yami awu kodwa laba thakathi bale mlazi. UZanele ebaxoxela ngokwenzekile ngomoya ophansi eyi mama kona indaba ende impela sithe nje sesiqala ukubhala iphepha lethu lokuqala u Amanda elokhu ememeza uthisha ukuthi akathulise ingane ibanga umsindo akubhaleki elokhane esho njalo kwazwakala esethi khona into emuncela amabele kuthe kusenjalo washayeka phansi wakhihliza amagwebu amhlophe ememeza ethi ngasho kodwa ukuthi INGANE AYINACALA ungcine laphoke ukukhipha izwi. UmaNene avele aqhume phezulu ngesililo lapho noMchunu useqinisele nje njengondoda kodwa zingcwele amehlo izinyembezi nakuyena. Izingane zicele indlela nebala zivule umnyango zihambe.
UMandisa uxoxa noSboniso egunjini lokulala kukaSboniso eyi bbe indlela esengijwayele ngayo lakini ungaze ufunge ukuthi isekhaya. USboniso awu vele sekufana nakini njengoba uhlala lana wamuzwake nobaba wathi zizwe ukini ungasabi lutho kwazise ngasengimchazele sonke istory ngawe ngaphinda ngamvezela nomuzwa wokuthanda wena ngendlela exakile washo wathi yena inhloso yakhe ukungibona mina ngijabulile njengoba ngijabulile kuyimanje ngihleli nesthandwa sami. UMandisa eyi kona lv wangamukela kahle ubaba wakho eyi uyangithanda ungikhonzile unomancoko enjalo nje waze wathi ngaze ngamfanela nesthandwa sakhe esamlahla egoli eyi wanghlekisa kabi kabi. USbiniso awu ubaba unamancoko kakhulu manje bbe ngicabanga ukuklobola ngodisemba uvele uhlale ngokusemthethwenj leyikhaya. UMandisa izindaba ezimnandi lezo phela kodwa mina anginamndeni kodwa into engifuna ukuyenza ukuthola ubaba kuqala ngoba umama welokhane ethi uhlala lemlazi nje ngisazobheka izithombe ngikukhombise ngikhombise nobaba wakho mhlambe ningaba nolwazi nje
Umbhali. KHULAH SBONISO
isihloko. INGANE AYINACALA
isqephu. SESINE
Kusemini u Amanda uphaphama embhedeni wakhe uyavuka uzama ukupheka ukudla njengoba eseluleme nje ezinhlungwini. Into ayiqaphelayo kuklinwe kahle lendlini okunye okumthusayo umama wakhe akekho lendlini nebala abeke ibhodwe estofini maqedane aqonde ekamelweni lakhe athathe izingubo zakhe zesikole ngenhloso yokuzi ayina kuthe kusenjalo ezwe ngomuntu ongqongqozayo. U Amanda ngena kuvuliwe nebala angene ngaphakathi. U Amanda asuke ekamelweni lakhe eyobheka ukuthi ubani lumshaye lumeqe uvalo uma ebheke ukuthi uSboniso aye kuyena afike amuwolelele kuyena maqede amyeke. Lapho Usboniso uzithulele nje ubuka yena u Amanda. Awu bbe uryt kodwa. USboniso cha angikho ryt angqale ngokuxolisa ngokuthi ngivele ngifike kini nje akuthi sengikubuze ngisho nakothisha bakho kuthiwa awaziwa eakoleni. Amngene emlonyeni u Amanda ayi Sboh akuthi umama begula manje kwaphoqa ukuthi kumele ngimnakekele kodwa ksasa ngyaya eskoleni. USboniso ngokudabuka asthembe uzoba ncono umawakho manje wawusuhlulwa ukungazisa nje ungicallback ngefoni yamawakho. U Amanda wee yazi angicabanganga angisbonanga nesdingo futhi. USboniso ivele imcike kakhulu lenkulumo asukume kusofa ok ngyakuzwa nami into engilethe lana ukuthi ngikutshele ukuthi asiyeke ukuthandana lento yethu ayinakusasa vele angikwazi ukuthi ngikubone uma ngokudinga nawe awuzihluphi ngokungazisa lutho olusuke luqhubeka kuwena. U Amanda ngokufutheleka uyangala pho ohh into owawuyithanda ukona ikusasa lami wawuthanda ukulala nami uthathe ubuntombi bami bese ungilahla kanje kuhle kwamafunyila. USboniso ayike sungacabanga okucabangayo kodwa mina nawe kuphelile. U Amanda esuka eya kuSboniso amubambe ngqi ngehagi azame ukumqabula kodwa USboniso azigobisele ikhanda nezandla ziyazilengela kuthe kusenjalo kungene umaNene ungena nje uhamba eqhuba uMchunu ngesihlalo. Athuke kakhul u amanda ededela uSboniso eyohlala kusofa. UMchunu ngolaka ayibo ngyaphupha ngilele amanyala ani lawa awenzeka emzini wami wena kfanele engabe usesikoleni kodwa uzokwenza ukungcola emzini wami. U Amanda ukhuluma ngoungqa cha baba ngzokuchazela senginesonto ngingayi eskoleni manje uSboniso ubezongisiza engibhalis umsebenzi wesikole loku okubonile bese ngibonga ngehagi nje. UMchunu ngomoya ophansi ngyakuzwa kobabancono mekukuthi wena mfana buzomsiza ngampela esho emkhomba ngomunwe uyabona u Amanda ngifuna afunde ayi indaba zomaqoma ngingambulala ngampela umfana ongalala nengane yami. USBONISO ngokusaba ayi ngiyakuzwa baba seno salakahle. UMchunu ngolaka wen maNene wenziwa yin unganitsheli ukuthi ingane yami ibigula. U Amanda ngokusaba Awu Mama bungangitsheli ngani ukuthi ubaba usenkingeni usehamba ngesihlalo. UmaNene ngesizotha mina bengicabangela nina nobabilli nje ngoba naba sezinhlungwini mkanyekanye njengoba ngazi nithandana kanje benizophazamiseka ekululameni. UMchunu ayi ngiyakuzwa nkosisukazi ayi nami ksasa ngiyahamba ngiya kwabamanga ngifuna ukuzwa kahle ukthi ngone. Ngani ukuthi sengaze ngilalimale kanje ngeke kshuthi khon okushaya amanzi inkosi impela
USboniso usemotini ukhuluma noMandisa.. Eyi bbe yazi ngijabula kanjani uma nginawe kanti nosuku layizolo lingiphathe kahle. UMandisa namahlonyana awu lv mami ngokunjalo bbe khna engifuna ukukubuza kuwena lamatekisi amaningi kangaka nomuzi omkhulu kanje nihlala nobaba wakho nje kphela. USboniso ehleka kancane kunjengoba usho nje ingakho nje kumele wena ngikushade uyofudumalisa leliyakhaya. UMandisa weee babo uyazisholo nina bafana anithembekile kabi anisasishadi ukuzidlalela ngathi bese niyabaleka nje ungazongibhuqa la wena. USboniso ngomoya ophansi wena Mandisa uhlukile kwengike ngahlangana nabo ngicathi ngingasho ukuthi uwena ubambo lwami ngiyaqala ukuthathanda umuntu wesfazane kanjena awungichazele yini eyenze uzoqala phakathi nonyaka ukuzofunda ngapha ngicela ungitshele. Konke. UMandisa ngomoya ophansi ngangihlala nomama sobababili umama ezisebenzela ejalidini lomlungu lomlungu kwafika iskhathi sokuthi uyashona umama esengasekho umuntu ongisaphothayo lomlungu wangitgatha ngahlala nomdeni wakhe kuthe nje ngojune uqala izingane zakhona zaqala zangihlupha zithathe izinto bese zithi zintshothwe yimina ayi ngibekezela zivelele zehle izinyembezi zaMandisa usekhuluma ngokukhala nomlungu wakhona naye wangdlwengula wathatha ubuntombi bami wathi meke ngtshela unkosikazi wakhe uzongibulala ngabo ukuthi ayingangami ngase ngintshontsha iymali eyu 15thousands ngase ngyeqa ngeza ngapha eDurban ngazohlala ka anti nakhona bayanghlupha indoda ya anti nayo yazama ukungdlwengu kodwa ngenhlanhla ngakwazi ukuphunyula uma ngisho ku anti wathi ayikho lonto mina ngizomqhatha nendoda yakhe ngahamba kanjaloke ngayoqasha meke kwaphela lemali angazi ukthi ngokwenzenjani ubabake yena wangilahla ngimncane ngimazi ezithombeni. Kuphela. USboniso emsula izinyembezi eyi sorry bbe. Kodwa ngikuthanda khnona kunjalo.
Click here to claim your Sponsored Listing.
Location
Category
Contact the business
Telephone
Website
Address
Durban
