22/09/2026
๐-๐๐ก๐ ๐ฒ๐ ๐ก๐๐๐ก๐ ๐๐ซ๐ช๐๐ฌ๐๐ฆ๐ ๐จ๐ ๐ฃ๐๐๐๐๐ง๐๐ ๐ก๐๐๐ ๐๐๐๐๐ข ๐ข๐๐จ๐๐จ๐๐๐ฆ๐ ๐๐๐ก๐ฌ๐ ๐ก๐๐ ๐๐ก๐๐ ๐๐ค๐๐ ๐๐จ ๐๐-๐๐ ๐ก๐๐ข๐๐จ๐ค๐ข๐๐ช๐ ๐๐ช๐๐ ๐๐๐๐๐ก๐ฆ๐๐๐ ๐๐๐๐ญ๐ข๐ ๐๐๐ ๐๐ ๐๐ช๐๐๐.
I-African National Congress (ANC) yaseMngeni Sub-Region ithatha lelithuba ukuxwayisa wonke umphakathi waseMngeni ngemiyalezo (ama-SMS) edukisayo neyamampunge ethunyelwa iqembu le-Democratic Alliance (DA) yaseMngeni. Lemiyalezo iqamba amanga aluhlaza ngenhloso yokulahlekisa abantu ibadukisa, ithi umphakathi usuvumelene nabantu abazomela iqembu labo kumawadi ahlukene aseMngeni.
Sifisa ukukubeka kucace ukuthi i-DA ayikaze ibize imihlangano yomphakathi evulelekile lapho abantu bekhetha khona ngokukhululeka abaqokiwe babo. Kunalokho, bazikhethele bona emakhoneni, bebambisene ngezandla ngasese, base beqhamuka kumphakathi bezenza abantu abalandele intando yeningi ekubeni kwaziwa kahle ukuthi abakaze babe nazo lezozinhlelo zokubonisana nabantu.
Lezizindlela ziyisiboniso sezepolitiki yokukhwabanisa neyokukhohlisa ngenhloso yokudukisa abavoti.
Okubuhlungu kakhulu ukuthi leli qembu liphinde laphambana nomthetho ngokuthatha nokusebenzisa izinombolo zocingo zabantu ngaphandle kwemvume yabo, ngenhloso yokubafunza lolu lwazi olungelona iqiniso.
I-ANC iyona kuphela inhlangano ebe nohlelo olusobala, olukhanyayo nolwentando yeningi, lapho ihlangane khona nemiphakathi ukunikeza izakhamuzi ithuba eligcwele lokuba zizikhethele ngokwazo abantu ezibafisayo nabethembayo ukuthi bazobamela emawadini abo.
๐ฆ๐ถ๐๐ฎ๐ฏ๐ผ๐ป๐ด๐ฎ.
๐ฆ๐ถ๐ธ๐ต๐ถ๐๐ต๐๐ฒ ๐๐ถ-๐๐ก๐ ๐๐ ๐ป๐ด๐ฒ๐ป๐ถ ๐ฆ๐๐ฏ-๐ฅ๐ฒ๐ด๐ถ๐ผ๐ป.