Mthonjaneni Local Municipality

Call Directions Website Contact the organization

Mthonjaneni  Local Municipality Mthonjaneni Municipality is one of the Municipalities under King Cetshwayo District.

BAHLOMULE NGEZINSIZA KUSEBENZA ABALINGISI BASEMTHONJANENI.Namhlanje mhlaka 16 October 2026 bekuwusuku oluhle kubalingisi...
16/10/2026

BAHLOMULE NGEZINSIZA KUSEBENZA ABALINGISI BASEMTHONJANENI.

Namhlanje mhlaka 16 October 2026 bekuwusuku oluhle kubalingisi baseMthonjaneni kanye nabase Nkandla njengoba bebenohlelo lokufunda ngaphansi kweminyango ehlukene ngokuhlelelwa uMasipala wesifunda iKing Cetshwayo. Abalingisi baseMthonjaneni babe sebehlomula ngezinsiza kanye nezitifiketi emumva kokuba kuqalwe kwabukwa umsebenzi wabo abawenze ngesikhathi soqeqesho lwabo.

Umeya waseMthonjaneni ubabongele kakhulu ukuba bethole lelithuba wakhuthaza ukuba bengaphelelwa amandla waphinda wabonga neminyango kahulumeni ehlele loluhlelo kuze kusizakale amaciko ezokulingisa eMthonjaneni.

Namhlanje mhlaka 15 October 2026 uSomlomo kaMasipala waseMthonjaneni uKhansela N.A Mbatha ubehlalise umhlangano  weCounc...
15/10/2026

Namhlanje mhlaka 15 October 2026 uSomlomo kaMasipala waseMthonjaneni uKhansela N.A Mbatha ubehlalise umhlangano weCouncil yokugcina yehlandla labo lokuhola umkhandlu.

Kulomhlangano uMasipala Menenja ubonge kakhulu ngokubambisana kahle ekuholeni loMkhandlu ngaphandle kwemidonsiswano, wabonga bonke ubuholi ngamava namagalelo onke obube nawo ekuqinisekiseni ukuthi umphakathi ubekwa phambili nezidingo zawo. Uphinde wakubalula ukuthi bekungelula kodwa bambambisane kahle kwaze kwaba sekugcineni noma izimo bezikhona. UNyambose uphinde wabonga kakhulu nokuthi ubuholi buyilandele yonke imigudu nemithetho eyengamela ukusebenza komkhandlu.

Kulomhlangano kudluliselwe izitifiketi zokubonga onke amakhansela (Certificate of Recognition). USomlomo womkhandlu ubonge kakhulu kubahlonishwa bonke ngokuthobelana nokubambisana nasekwamukelaneni njengoba ubehlalisa imihlangano ye Council eyakhiwe amakhansela angu 25 athunywe amaqembu ahlukene ezepolitiki.


UPHETHELWE KUWARD 12 NAMUHLA UMHLANGANO WOMJIKELEZO WOKUHAMBELA UMPHAKATHI NGOHLELO LOSOMQULU WENTUTHUKO.Inhloko Dolobha...
13/10/2026

UPHETHELWE KUWARD 12 NAMUHLA UMHLANGANO WOMJIKELEZO WOKUHAMBELA UMPHAKATHI NGOHLELO LOSOMQULU WENTUTHUKO.

Inhloko Dolobha yaseMthonjaneni uMhlonishwa Mbangiseni Biyela naMhlanje mhlaka 13 October 2026 ubehambele kuWard 12 nobekuwumhlangano wokugcina wokuyocoshela izimfuno zomphakathi ezizongena kuSomqulo weNtuthuko yesizukulwane sesithupha (6) se IDP ka 2027 kuyaku 2031.

Umeya uMenziwa wethule inkulumo yakhe, wethula zonke izakhiwo ezizuzwe umphakathi waku Ward 12 kanye nemihlomulo yokulekelela umphakathi ngemifelandawonye kanye nokuthuthikisa intsha. Uphinde wabika ngesicelo sehholo laseKeteza neseziphothulwe zonke izinhlelo zalo osekusele okuncane bese kwethulwa uSonkontileka kuphendulwe nesoyi. Kanti ube esenika ithuba umphakathi wafaka izicelo ezahlukene nokuyilapho umphakathi ubonge wanconcoza kuMeya noMkhandlu wonke ngomhlangano obanika ithuba lokufaka izicelo nezimfuno zabo.

.

Mthonjaneni Local Municipality leadership led by His Worship the Mayor, Cllr MN Biyela, wishes all matric learners the v...
13/10/2026

Mthonjaneni Local Municipality leadership led by His Worship the Mayor, Cllr MN Biyela, wishes all matric learners the very best in their final examinations.

Stay focused, believe in yourselves, and give it your best. Your future is bright, and your success is our pride. Go out there and make Mthonjaneni proud!

Okuhle kodwa kubo bonke abafundi bakwaMatikuletsheni!!!


UMeya kaMasipala waseMthonjaneni umema wonke umphakathi wase Ward 12 emhlanganweni kaSomqulu wentuthuko (IDP Community C...
12/10/2026

UMeya kaMasipala waseMthonjaneni umema wonke umphakathi wase Ward 12 emhlanganweni kaSomqulu wentuthuko (IDP Community Consultation) lapho azofike ethule wonke umsebenzi owenziwe umasipala bese evulela umphakathi ithuba lokuthi ube novo ngezidingo zawo.

Lomhlangano uhlelwe kanje:
Usuku: Tuesday 13 October 2026
Indawo: Mawanda Community Hall
Isikhathi: 10h00 ekuseni

Niyanxuswa ukuba niphume ngobuningi benu.

UMasipala waseMthonjaneni kuleminyaka emihlanu usebenza usebenzela umphakathi wenza isibophezelo sokubeka umphakathi nez...
08/10/2026

UMasipala waseMthonjaneni kuleminyaka emihlanu usebenza usebenzela umphakathi wenza isibophezelo sokubeka umphakathi nezidingo zawo phambili. Kuwumgogodla kaMasipala ukunakekela izidingo zomphakathi ezenze kube nenhlalakahle ezindaweni zonke.

UMasipala usebenzise uxhaso luka- MIG ukuthuthukisa zonke izindawo ezingathuthukile ngokwakha ingqalasizinda ebalulekile ngenhloso yokuvala isikhala sesimo senhlalo phakathi kwabampofu nabacebile.

UMasipala ukwenze lokho ngokwakha imigwaqo exhumanisa abantu bonke futhi ehambekayo kuwo wonke umuntu. Minyaka yonke uMasipala ubuyifaka kuso lesi sabelomali esincane imigwaqo yasemakhaya ukuze impilo ibegcono. Imigwaqo encono yenza imiphakathi elinganayo kungabi bikho ukukhetha iphela emasini.


Namhlanje mhlaka 07 October 2026, uMhlonishwa uMeya uKhansela  Mbangiseni Biyela uhambele umphakathi waseBhiliya kuWard ...
07/10/2026

Namhlanje mhlaka 07 October 2026, uMhlonishwa uMeya uKhansela Mbangiseni Biyela uhambele umphakathi waseBhiliya kuWard 13 ngenhloso yokuhlangana nawo okokuqala njengoba lomphakathi ubungaphansi komunye uMasipala.

Kulomhlangano bafike bethulelwa izisebenzi zikaMasipala kanye nobuholi bawo. UMhlonishwa uMeya wamukele lomphakathi ngokusemthethweni ukuba usiyingxenye yomkhandlu waseMthonjaneni, uphinde wethula indlela uMkhandlu osebenza ngayo. USodolobha uqhubeke nohlelo lokwethulela umphakathi umsebenzi kaMasipala wonke owenziwe waphetha ngokunikeza umphakathi waseBhiliya ithuba lokuthi ufake izicelo zayo ezizongena kuSomqulu weNtuthuko edidiyelwe.

USodolobha waseMthonjaneni UMhlonishwa uKhansela uMbangiseni Biyela ubeyinxenye yokwethulwa kukaSonkontileka ozokwakha i...
06/10/2026

USodolobha waseMthonjaneni UMhlonishwa uKhansela uMbangiseni Biyela ubeyinxenye yokwethulwa kukaSonkontileka ozokwakha ingqalasizinda yamanzi eThubalethu ku Ward 2 naseDolobheni ku Ward 3 lapho kuzosizakala umphakathi.

UMenziwa ubonge wanconcoza ebongela umphakathi waseThubalethu nowaseDolobheni wase ewunxusa umphakathi ukuthi bengawuphazamisi umsebenzi ukuze usheshe uphele amanzi bewathole ngokushesha.

UMeya woMkhandlu wesiFunda iKing Cetshwayo ukhansela S.Z Dlamini wethulele umphakathi iproject yamanzi nokuyisifiso soMkhandlu ukuthi wonke umphakathi uwathole amanzi koMpompi ngoba okwamanje basebenzisa ama Water Tank okuyisixazululo sesikhashana. Uphinde wanxusa umphakathi ukuthi ungawadonsi amanzi ngokungekho emthethweni.


UMeya kaMasipala waseMthonjaneni umema wonke umphakathi wase Ward 13 emhlanganweni kaSomqulu wentuthuko (IDP Community C...
06/10/2026

UMeya kaMasipala waseMthonjaneni umema wonke umphakathi wase Ward 13 emhlanganweni kaSomqulu wentuthuko (IDP Community Consultation) lapho azofike ethule wonke umsebenzi owenziwe umasipala bese evulela umphakathi ithuba lokuthi ube novo ngezidingo zawo.

Lomhlangano uhlelwe kanje:
Usuku: Wednesday 07 October 2026
Indawo: eBhiliya Community Hall
Isikhathi: 10h00 ekuseni

Niyanxuswa ukuba niphume ngobuningi benu.

Namhlanje mhlaka 06 September 2026 Inhloko Sodolobha kaMasipala wase Mthonjaneni uKhansela Mbangiseni Biyela ubenomhlang...
06/10/2026

Namhlanje mhlaka 06 September 2026 Inhloko Sodolobha kaMasipala wase Mthonjaneni uKhansela Mbangiseni Biyela ubenomhlangano nesizwe sakwa Sanguye kuWard 1 njengoba esaqhubeka nohlelo lokwethulela umphakathi umsebenzi owenziwe uMasipala kule Kota ka 2021-2026. Ngaphambi kokuba uMeya ekhulume noMphakathi kube nezexwayiso ezintathu eziphuma ngaphansi koMnyango Wezinhlekelele kuMasipala wesifunda iKing Cetshwayo okubalwa Umlilo, Isiphepho nezikhukhula kanye nezezexwayiso ezintathu eziqonde Kumshayeli, Umgibeli kanye nohamba ngezinyawo emgwaqeni bexwayiswa ngokumele bengakwenzi ukuze kuphephe izimpilo zomphakathi kanye nokumele bekwenze ukugwema izinhlekelele nezingozi.

uMenziwa wethule imisebenzi yonke eyenziwe uMasipala ku Ward 1 kanye nemihlomulo ebekhona njengenhlalayenza waphinda wanikeza uMphakathi ithuba lokufaka izicelo kuSomqulu Wentuthuko. Le IDP ingeyeshumi nanye (11) kanti sekusele ama Ward amabili okubalwa uWard 13 ozohanjelwa kusasa mhlaka 07 September eBhiliya Community Hall bese ephetha ku Ward 12 mhlaka 13 September ku Mawanda Community Hall.

Address

Symmonds Street
Melmoth
3835

Opening Hours

Monday 07:30 - 16:30
Tuesday 07:30 - 16:30
Wednesday 07:30 - 16:30
Thursday 07:30 - 16:30
Friday 07:30 - 14:00

Telephone

+27726239171

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Mthonjaneni Local Municipality posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Organization

Send a message to Mthonjaneni Local Municipality:

Shortcuts

Share