Mpofana Local Municipality

Call Directions Website Contact the organization

Mpofana Local Municipality This page serves as a communication tool to update all Mooi River residents with the latest municipal information and services.

UMKHULEKO WE-MPOFANA INTERFAITH FORUMUsuku: 22 Okthoba 2026Indawo: Bruntville Community Hall, eMooi RiverI-Mpofana Inter...
23/10/2026

UMKHULEKO WE-MPOFANA INTERFAITH FORUM

Usuku: 22 Okthoba 2026
Indawo: Bruntville Community Hall, eMooi River

I-Mpofana Interfaith Forum ibe nomhlangano oyimpumelelo nowenzeke ngokuthula eBruntville Community Hall, eMooi River. Lo mhlangano ubuhlanganise abaholi bezenkolo, abamele izinhlangano zezombusazwe, abazongenela ukhetho abazimele, abaholi bomphakathi kanye nabanye ababambiqhaza ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya oluzayo.

Lo mhlangano unikeze wonke amaqembu ezombusazwe kanye nabazongenela ukhetho abazimele abebekhona ithuba lokwethula izinkulumo zabo ngokucacile nangokuthula. Lokhu kukhombise ukubaluleka kokuhlonipha imibono ehlukene yezepolitiki, ukukhuthaza ubunye kanye nokugcina ukuthula emiphakathini yethu.

Kuphinde kwaba nesikhathi somkhuleko lapho bekuthandazelwa khona bonke abazongenela ukhetho. Imikhuleko ibigxile ekuceleni uNkulunkulu ukuba abaqondise, abanike ukuhlakanipha namandla okuhola abantu ngothando, ukwethembeka, ubuqotho kanye nenhlonipho.

Lo mhlangano ugcizelele ukubaluleka kokubambisana, ukubekezelelana kanye nokuxoxisana ngokuthula phakathi kwabo bonke ababambiqhaza, kungakhathalekile ukuthi bangamalungu aphi amaqembu ezombusazwe noma bakhonza kuyiphi inkolo. Uphinde wakhumbuza wonke umuntu ukuthi, nakuba sinemibono nezinkolelo ezahlukene, sinesibopho esifanayo sokwakha umphakathi onokuthula nobumbano.

I-Mpofana Interfaith Forum inxusa wonke amaqembu ezombusazwe, abazongenela ukhetho abazimele kanye nomphakathi wonkana ukuba baqhubeke nokukhuthaza ukuthula, ukuhloniphana kanye nobuholi obunesibopho ngesikhathi sokhetho nangemva kwalo.

“Izinkolo Eziningi, Umphakathi Owodwa Onokuthula.”

MPOFANA INTERFAITH FORUM PRAYERDate: 22 October 2026Venue: Bruntville Community Hall, Mooi RiverThe Mpofana Interfaith F...
23/10/2026

MPOFANA INTERFAITH FORUM PRAYER

Date: 22 October 2026
Venue: Bruntville Community Hall, Mooi River

The Mpofana Interfaith Forum successfully held a peaceful programme at Bruntville Community Hall in Mooi River, bringing together religious leaders, political party representatives, independent candidates, community leaders and other stakeholders ahead of the upcoming municipal elections.

The programme provided a platform for all political parties and independent candidates who were present to deliver their speeches clearly and peacefully. The gathering demonstrated the importance of respecting different political views, promoting unity and maintaining peace within our communities.

A special prayer session was also held for all the candidates participating in the upcoming municipal elections. The prayers focused on asking God to guide them and grant them wisdom to lead with love, honesty, integrity and respect for the people they seek to serve.

The programme highlighted the importance of peaceful political engagement, tolerance and cooperation among all stakeholders, regardless of their political affiliations or religious beliefs. It served as a reminder that, despite our differences, we share a common responsibility to build a peaceful and united community.

The Mpofana Interfaith Forum encourages all political parties, independent candidates and community members to continue promoting peace, respect and responsible leadership throughout the election period and beyond.

“Many Faiths, One Peaceful Community.”

23/10/2026
22/10/2026
Isexwayiso !
19/10/2026

Isexwayiso !

ISAZISO SOMPHAKATHI15 October 2026UHLELO LOKUBHALISELWA U-NSFAS LUYAQHUBEKAAbantu abasha bayaziswa ukuthi uhlelo lokubha...
15/10/2026

ISAZISO SOMPHAKATHI

15 October 2026

UHLELO LOKUBHALISELWA U-NSFAS LUYAQHUBEKA

Abantu abasha bayaziswa ukuthi uhlelo lokubhalisela uNSFAS luyaqhubeka njengomuyalelo wesikhangisi.
Umphakathi waseMpofana namaphethelo bayagqugquzelwa ukuba basebenzise digital centre kanye ne innovation hub elapha eBruntville Chamber phambi kwase Bruntville hall.

Le center ivulelwe ukusenza nsuku zonke from 09:00 -15:00 lapho kukhona khona internet kanye ne nama computer, drone, applications, laser printer, 3d printer kanye nama classes akhona asicijela 4th Industrial Revolution.

Niyakhukhuthazwa ukuthi nenze isikhathi; wonke umuntu from 12 years engaya kosebenzisa center.

Siyabonga.

Nansi link ngaphansi to make a booking:

https://forms.cloud.microsoft/r/dktnFk68Lc

INTSHA YAZISWA NGESIKHWAMA SOKUTHUTHUKISA OSOMABHIZINISI ABASHA EBRUNTVILLEIhhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal libe ...
14/10/2026

INTSHA YAZISWA NGESIKHWAMA SOKUTHUTHUKISA OSOMABHIZINISI ABASHA EBRUNTVILLE

Ihhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal libe nomhlangano wokwazisa nokufundisa intsha ngoHlelo Lwesikhwama Sokuthuthukisa Intsha saKwaZulu-Natal, obubanjelwe eBruntville Hall kuMasipala waseMpofana namuhla, mhla ziyi-14 kuMfumfu 2026.

Inhloso yalo mhlangano bekuwukwazisa intsha ngamathuba oxhaso lwezimali olutholakala ngaphansi kwalesi sikhwama, kanye nokuyiqondisa ngendlela yokufaka izicelo ukuze ikwazi ukuqala, ukuthuthukisa nokukhulisa amabhizinisi ayo.

Lesi sikhwama sihlose ukusiza osomabhizinisi abasebasha abaneminyaka ephakathi kweyi-18 nengama-35 abahlala esifundazweni saKwaZulu-Natal. Sihlanganisa imikhakha ehlukahlukene, efana nezolimo, ukukhiqiza impahla, ezokuvakasha nezokungenisa izihambi, umnotho oluhlaza, ezokudayisa, ezezimayini, isayensi nobuchwepheshe, ezokuthutha, ezokufuya izilwane zasemanzini kanye nezimboni zobuciko.

Ngesikhathi somhlangano, intsha yaziswe ngezidingo zokufaka izicelo, amazinga oxhaso kanye nezindlela ezifanele zokuhambisa amafomu ezicelo.

Lesi sikhwama sinezigaba ezintathu zoxhaso: kusukela ku-R1 000 kuya ku-R100 000 kosomabhizinisi abasafufusa nabasebenza ngokungahlelekile; kusukela ku-R100 000,01 kuya ku-R500 000 emabhizinisini asakhula; kanye no-R500 000,01 kuya ku-R2 million emabhizinisini afuna ukukhula nokwandisa imisebenzi yawo.

Izicelo zivulwe mhla zi-5 kuMfumfu 2026 kanti zizovalwa mhla zi-5 kuLwezi 2026. Amafomu ezicelo angatholakala kusizindalwazi sikaHulumeni waKwaZulu-Natal esithi www.kznonline.gov.za noma emahhovisi omasipala bendawo nawezifunda. Amafomu agcwalisiwe kufanele ahanjiswe ehhovisi likamasipala eliseduze. Izicelo ezithunyelwa nge-imeyili ngeke zamukelwe.

Intsha iyakhuthazwa ukuba isebenzise leli thuba ukuze ithuthukise amakhono ayo kwezamabhizinisi, izenzele amathuba omsebenzi futhi ibe neqhaza ekuthuthukisweni komnotho wemiphakathi yayo. Ikakhulukazi, abesifazane abasebasha kanye nabantu abasha abaphila nokukhubazeka bayakhuthazwa ukuba bafake izicelo.

Lo mhlangano uyingxenye yemizamo yokuqinisekisa ukuthi intsha iyawazi amathuba atholakalayo futhi iyakwazi ukuwasebenzisa ukuze izimele ngokwezomnotho futhi ibe neqhaza ekuthuthukiseni umphakathi.

Ukuze uthole olunye ulwazi, ungathinta iHhovisi likaNdunankulu kulezi zinombolo: 087 743 8684, 087 131 0345 noma 087 131 0353, noma uthumele i-imeyili [email protected].

YOUTH ENTREPRENEURS EMPOWERED THROUGH YOUTH EMPOWERMENT FUND INFORMATION-SHARING SESSION IN BRUNTVILLEThe Office of the ...
14/10/2026

YOUTH ENTREPRENEURS EMPOWERED THROUGH YOUTH EMPOWERMENT FUND INFORMATION-SHARING SESSION IN BRUNTVILLE

The Office of the Premier of KwaZulu-Natal held an information-sharing session today, 14 October 2026, at Bruntville Hall in Mpofana Municipality to inform and educate young people about the KwaZulu-Natal Youth Empowerment Fund.

The session aimed to create awareness about the funding programme and guide young entrepreneurs on how to apply for financial support to establish, grow and expand their businesses.

The fund targets young entrepreneurs between the ages of 18 and 35 who reside in KwaZulu-Natal and operate or intend to establish businesses in the identified priority sectors. These include agriculture and agro-business, manufacturing, tourism and hospitality, green economy, retail, mining and mineral beneficiation, science and technology, transport and logistics, aquaculture, the blue economy and creative industries.

During the session, young people were informed about the application requirements, funding categories and submission procedures. The fund offers three funding thresholds: R1,000 to R100,000 for informal traders and start-ups, R100,000.01 to R500,000 for emerging and growing businesses, and R500,000.01 to R2 million for businesses seeking growth and expansion.

Applications opened on 5 October 2026 and will close on 5 November 2026. Application forms can be obtained from the KwaZulu-Natal Government website at www.kznonline.gov.za or from local and district municipal offices. Completed applications must be submitted to the nearest local or district municipal office. Applications sent by email will not be considered.

Young people, particularly women and persons with disabilities, are encouraged to take advantage of this opportunity to develop sustainable businesses, create employment and contribute to local economic development.

The information-sharing session forms part of ongoing efforts to equip young people with the knowledge and opportunities needed to become active participants in the economy.

For enquiries, applicants may contact the Office of the Premier at 087 743 8684, 087 131 0345 or 087 131 0353, or email [email protected].

Address

10 Claughton Terrace
Mooi River
3300

Opening Hours

Monday 07:45 - 16:30
Tuesday 07:45 - 16:30
Wednesday 07:45 - 16:30
Thursday 07:45 - 16:30
Friday 07:45 - 16:30

Telephone

+27332631221

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Mpofana Local Municipality posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Organization

Send a message to Mpofana Local Municipality:

Shortcuts

Share