uPHONGOLO LOCAL MUNICIPALITY

Call Directions Website Contact the organization

uPHONGOLO LOCAL MUNICIPALITY uPhongolo Municipality is one of five local municipalities located within Zululand District Municipality (DC26) in KwaZulu Natal.
(1)

Best Wishes to the Matric Class of 2026!!!!
13/10/2026

Best Wishes to the Matric Class of 2026!!!!


uPhongolo Municipality Mayor, Cllr BJ Thwala invites you to celebrate and empower women in a fight to end Gender based v...
12/10/2026

uPhongolo Municipality Mayor, Cllr BJ Thwala invites you to celebrate and empower women in a fight to end Gender based violence.

Ibithe chithi saka intsha yasoPhongolo ngesikhathi kuvulwa inkundla yezemidlalo, ku-Section A (iNcotshane Section A Spor...
11/10/2026

Ibithe chithi saka intsha yasoPhongolo ngesikhathi kuvulwa inkundla yezemidlalo, ku-Section A (iNcotshane Section A Sportfield), namuhla. uMeya woMkhandlu wasoPhongolo, uMhlonishwa u-Cllr Bheki Thwala, ngokubambisana noNgqongqoshe wezeMidlalo, amaCiko kanye namaSiko uMhlonishwa Mntomuhle Khawula, bavule ngokusemthethweni le nkundla, nalapho bekumenywe khona amaqembu ebhola lezinyawo akhona endaweni yaseNcotshane kwa A nakwa B, ukuzoqhudelana, ngenhloso yokuzohlola le-nkundla entsha yezemidlalo. Kulo mqhudelwano, kugcine kunqobe iqembu le-Manchester United. Lo-mcimbi uqale ngokuthi uMhlonishwa uMeya kanye noNgqongqoshe beqale ngohambo lokuzivocavoca (Fun walk) noluqale ngasesikoleni i-Pongola High, yaze yayophelela khona enkundleni yezemidlalo kwa A. Eminye yemidlalo lamaqembu ebeqhudelana kuyo, kube umdlalo webhola lomnqakiswano (Netball), umdlalo wokuzivocavoca (aerobics), udibeke, ibhola lezinyawo labesifazane, kanye nomdlalo we-Chess. Inhloso enkulu yalo-mcimbi bekungukukhuthaza wonke amalunga oMphakathi, ikakhulukazi intsha ngokubaluleka kokuvocavoca umzimba (Promotion of healthy life style programme), ukuze baphile isikhathi eside. Khona manjalo, inhlangano engenzi nzuzo (Gift of the Givers) nayo ayifunanga ukusala ngaphandle kulo-mcimbi, njengoba inikele ngezipho kubo bonke abadlali ababambe iqhaza kule-midlalo. Bonke abaphumelele baklomeliswe ngezindondo, amajezi, izinkomishi kanye namasheke.



uMeya woMkhandlu wasoPhongolo uMhloniswa uCllr BJ Thwala umema wonke uMphakathi wakwa Ward 11 emhlanganweni wokwethulwa ...
07/10/2026

uMeya woMkhandlu wasoPhongolo uMhloniswa uCllr BJ Thwala umema wonke uMphakathi wakwa Ward 11 emhlanganweni wokwethulwa komgwaqo wetiyela i- Ext 7 Road.


uMeya woMkhandlu wasoPhongolo uMhlonishwa uCllr BJ Thwala umema wonke uMphakathi kwindumezulu yomcimbi wokuvula ngokusem...
07/10/2026

uMeya woMkhandlu wasoPhongolo uMhlonishwa uCllr BJ Thwala umema wonke uMphakathi kwindumezulu yomcimbi wokuvula ngokusemthethweni kweNkundla yezemidlalo e-Ncotshane Section A ngoMhlaka 11 October 2026 ngo 10 ekuseni.


Kubonakale isasasa elikhulu kwimidlalo ye-Mayoral Cup yalo nyaka, nokube wuchungechunge lwemidlalo, ebihlelwe uMkhandlu ...
27/09/2026

Kubonakale isasasa elikhulu kwimidlalo ye-Mayoral Cup yalo nyaka, nokube wuchungechunge lwemidlalo, ebihlelwe uMkhandlu wasoPhongolo oholwa uMhlonishwa uMeya, u-Cllr BJ Thwala, namuhla.

Kulo-mqhudelwano uMhlonishwa uThwala, wazise zonke izihambeli zale-ndumezulu yemidlalo ngenhloso-nqangi yakhe ngalo mqhudelwano, njengoba ekubeke kwacaca ukuthi inhloso yakhe ngale-midlalo ukuhlonza abadlali abavela kuwo wonke amaWadi akhele uMkhandlu wasoPhongolo, nokuzophuma kubo abazomela uMkhandlu emidlalweni ye-Mayoral Cup, yesiFunda sase-Zululand. IWadi eliphume phambili kulo-mqhudelwano, ngasohlangothini lukanobhutshuzwayo, kube uWadi 9. Bonke abanqobile kulolu chungechunge lwemidlalo baklonyeliswe ngezinkomishi kanye nezindondo.

Lomqhudelwano uhambe njengalokhu uMhlonishwa uThwala ebefisa ngakhona, njengoba uphinde wathola ukwesekwa kakhulu izinkumbi zabantu okuhlanganisa phakathi nentsha yakhona oPhongolo namaphethelo. uMeya uphinde wafisela bonke abafundi abazobhala umatikuletsheni izilokotho ezinhle njengoba sekusondele ukubhala, waphinde wabathembisa ukuba uMkhandlu uhlonze imali yokubhalisa (registration fees) kulabo abanentshisakalo yokubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakame ngonyaka ozayo.




23/09/2026

uMeya woMkhandlu wasoPhongolo uMhlonishwa uCllr BJ Thwala kanye no-Sotswebhu waMakhansela uCllr B Nsthangase ngesikhathi bethula uSonkontileka ozolungisa imigwaqo eNcotshane kwa B, namuhla.



Ngenxa yokugcwala kwamathuna elokishini laseNcotshane kwa-A, uMeya uMhlonishwa Bheki Thwala, usebone kunesidingo sokuba ...
23/09/2026

Ngenxa yokugcwala kwamathuna elokishini laseNcotshane kwa-A, uMeya uMhlonishwa Bheki Thwala, usebone kunesidingo sokuba anikezele ngokusemthethweni eMphakathini, ngenye yendawo entsha sha yokungcwaba bonke abathandiweyo, namuhla. Kuyimanje le ngxenye yendawo yamathuna eseNcotshane, kwa-B, ngaphansi kwethango iyalungiswa, nokulindeleke ukuba uma isiphelile, kuqale kufihlelwe khona.

Khona-manjalo uMeya uphinde wethula ngokusemthethweni uSonkontileka ozolungisa kabusha imigwaqo, kuphinde kufakwe itiyela kweminye yemigwaqo yaseNcotshane kwa-B, njengalokhu isibukeka ingasekho esimweni sokuhamba izimoto. Eminye yale migwaqo esezinhlelweni zokulungiswa, umgwaqo wase-Two Stix, ophelela kumaSabsidi, osuka eMajubeni, wona ophelela eNgwane Park, isitaladi saseMadladla, isitaladi sakwaNzimande, kanye nomgwaqo osuka ema- Six Room uze uphelele Ezitinini. uMeya ube esazisa onke aMalunga oMphakathi kulo-mhlangano ngamathuba emisebenzi azotholakala uma sekuqalile ukukwakhiwa kwalemigwaqo, ikakhulukazi entsheni kanye nabesifazane abangathathintweni.





23/09/2026

Mayoral Cup Games 2026!!!

The Municipality encourages community members to come out in large numbers to support their respective wards and enjoy a day of competitive sport and entertainment.


Mayoral Cup Games 2026!!!
23/09/2026

Mayoral Cup Games 2026!!!

Address

61 Martin Street
Pongola
3170

Opening Hours

Monday 07:30 - 16:15
Tuesday 07:30 - 16:15
Wednesday 07:30 - 16:15
Thursday 07:30 - 16:15
Friday 07:30 - 16:15

Telephone

+27344131223

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when uPHONGOLO LOCAL MUNICIPALITY posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Organization

Send a message to uPHONGOLO LOCAL MUNICIPALITY:

Shortcuts

Share