09/04/2026
itoho liyaqhubeka
Asijiki,asihlehli syaphambili asisatshiswa asisabiseki.iMK eyethu sofela kuyo uyathanda awthandi
amaaaandla ✊️✊️✊️
09/04/2026
itoho liyaqhubeka
19/02/2026
Sebelala obenyoni abahlali baseNDZ bathi nkosi akusasingani kube yisonto phela amehlo awaphathelwana. Udaba olusemqoka kwiSubregion i NDZ luveza injabulo yabahlali balomasipala ngokuba nethemba elikhulu ekubuseni koMkhonto njengoba uzidlela amahlanga kontaba kayikhonjwa. Seloku waqala umkhonto inyanga nenyanga kunohlelo olusabalala amaward wonke akhele lomaspala lapho kubuthanwa khona kubungazwe umbono omuhle kababa uNxamalala ngenkulumo ezakhayo ukuhlumelelisa izimilo, ezikhulisa isizwe, umuntu amasiko, inkolo, abalaphi bendabuko nokuningi. Khona manjalo kubuywe kudele umakhasana zishiyelana isiteshi lapho kukhuliswa amakhono ahlukene ikakhulu entsheni nasebantwaneni. Bheka ngoba amehlo awaphathelwana" YIBAMBE MY SELECTER" idumela kumphathi wohlelo osezingeni abanye bafuna ukuma zanini nizobona. Asiphelele khona akukhethwe bala lamuntu. GWAZA MKHONTO💚🖤💚🖤💚
Kulelisonto sizoxoxa siphinde sibuke ibutho lase NDZ SUBREGION nokuthi yini inhloso yokwakhiwa kwalo njengoba sesbona sekunengoma neyngane ezkhulayo neynsizwa neyntombi
Umcimbi ohlelwe yibutho e NDZ SUBREGION ngenhloso yokzobonga izinto
Mhlambe nawe kukhona okungakusiza lapha sibuka NDZ SUBREGION edle ngokugijima ngama program ibhekelele abeswele ibalekele konke loku ayvelanga yakwenza kepha kwathatha ubuchule nobuhlakan kwezinsizwa ezahlangana zabuka uhulumeni ophethe onezenzo zokbulala usiko mpilo lomuntu omnyama,lezinsizwa zabuka ukuth leyimpi ebheke kubantu abamnya isuka eqimbini elbusayo elihlangene nongxiwankulu.Base bethi thina sizolwa nalesi sihlava,kodwa impiyethu njengoba singuMkhonto idinga ibutho ay abafanyana.loku kwaba yiyonandlela ekwaze uksondela ezinhliziywen zabaningi.
12/01/2026
NDZ sub-region ward 9,le Sub region ayideli igadla igadlile ngezinhlelo zoklekelela umphakathi nokugqugquzela usiko lwesintu nokuzigcina kwezingane zingaphoxi abazali,lapha ke sibuka isasa lwaloluhlelo lokuhambela onke ama ward lubukeka lukhula ngesivinini,kanti umphakathi uthokoze kakhulu
31/12/2025
Nakulonyaka ozayo usazoqhubeka ugwazenjalo
26/12/2025
Harry Gwala Region, NDZ Sub. Region, ward 07 kuvalwa unyaka ka2025 kwemukelwa unyaka omusha ngegiya eliphezulu, lapha sibala amacdes angadli lutho ngoMkhonto angathathi ntweni kodwa ngothando konke kuyenzeka, Mawande lomoya wokubeka isizwe kuqala, khula NDZ nakuwo unyaka ka 2026 wenze okubabazekayo njengenjwayelo, sinxenxa bonke abantu iSouth Africa yonke ivote nomkhonto ikakhulu indlu yakithi emnyama masibambene kuseduze phambili. Gwaza Mkhonto 💚🖤💚