15/10/2026
KUDINGIDWE IZINDLELA ZOKUNQANDA ISIHLAVA SE-GBV ENDALENI
I-Operation Sukuma Sakhe (OSS), ngokubambisana noMasipala waseRichmond, basingathe inkulumo mpendulwano ngodlame lobulili (GBV) enkundleni yezemidlalo iKhethokuhle Ground, endaweni yaseNdaleni, ku- Ward 7, izolo ngo-10h00.
Le ngxoxo, ebihlanganise amalungu omphakathi nabafundi base-Indala High School, ibigxile ekuqwashiseni ngesihlava se-GBV, izimbangela zaso kanye nomthelela esinawo emindenini nasemphakathini wonkana.
Amalungu omphakathi athole ithuba lokuphumela obala ngezinto akholelwa ukuthi zinomthelela ekubhebhethekeni kwe-GBV, aphinde abelana ngemibono ngezindlela ezingasetshenziswa ukunqanda lesi sihlava.
Abamele iminyango eyahlukene kahulumeni nabo babambe iqhaza kule ngxoxo, lapho bechazele khona umphakathi ngezinsiza ezitholwa izisulu zalolu dlame kanye nezindlela ezingasetshenziswa ukulwa ne-GBV.
Okunye okuvelele kule ngxoxo kube yindlela abazali abakhulisa ngayo izingane zabafana nezamantombazane, nokuthi lokhu kungaba nomthelela kanjani kwindlela eziphathana ngayo sezikhulile.
Elinye ilungu lomphakathi liveze ukuthi ukungakhuliswa ngendlela efanayo kwezingane zabafana nezamantombazane kungaba nomthelela ekutheni zikhule zinemibono engafani ngokulingana ngokobulili.
“Ezikhathini eziningi indlela esikhulisa ngayo izingane zethu inomthelela kule nkinga. Ingane yentombazane ikhuliswe ngokuthi yenze imisebenzi yasendlini, ibuye ekhaya ngaphambi kwehora lesihlanu iphinde ihloniphe umfowabo. Kodwa ingane yomfana yona ivunyelwa ukubuya noma nini ekhaya. Uma ifika, udadewabo kufanele ayiphakele ukudla aze ayihambisele khona egumbini layo. Lezi zingane zigcina zikhule zinemiqondo ehlukene ngenxa yendlela ezikhuliswe ngayo,” kusho leli lungu lomphakathi.
UMasipala waseRichmond ubonge amalungu omphakathi aseNdaleni kanye nabafundi base-Indala High School ngokuba yingxenye yale ngxoxo nokuzibandakanya kwabo ekudingideni izindlela zokulwa ne-GBV.
Umasipala uveze ukuthi izingxoxo ezifana nalezi zibalulekile njengoba zinikeza umphakathi ithuba lokukhuluma ngezinkinga obhekene nazo, ziqwashise intsha ziphinde zikhuthaze ukubambisana ekunqandeni udlame.
UMasipala waseRichmond, ngokubambisana ne-OSS kanye neminye iminyango kahulumeni, usazibophezele ekuqhubekeni nezinhlelo zokuqwashisa nge-GBV kuzo zonke izigceme, ngenhloso yokukhuthaza imiphakathi ephephile nengenalo udlame lobulili.