29/09/2026
UMeya Wesifunda iZululand Uhlangane Nezinyunyana Zabasebenzi Njengesethembiso.
UMhlonishwa UMeya womkhandlu , uKhansela M.B. Khumalo, ubambe umhlangano nezinyunyana ezimele abasebenzi boMkhandlu, i-IMATU kanye ne-SAMWU, kulandela udaba lokubambezeleka kokuholelwa ngesikhathi kwamalungu azo angabasebenzi boMkhandlu.
Kulo mhlangano, uMeya, abaphathi boMkhandlu kanye nezinyunyana baxoxisane kabanzi ngodaba oluseqhulwini, kwaze kwafinyelelwa esivumelwaneni sokuthi abasebenzi bazonxeshezelwa ngezinsuku namahora athile ngenxa yokuphazamiseka okwenzekile, okuholele ekutheni bangakwazi ukwenza izidingo zabo ngesikhathi.
UMeya uKhansela M.B. Khumalo uphinde wagcizelela ukuthi egameni loMkhandlu uyazisola futhi uyaxolisa ngokwenzekile, waqinisekisa ukuthi kuzothathwa izinyathelo ezifanele ukuze kungaphindi kwenzeke isimo esifana nalesi.
Yize izingxoxo phakathi kwezinhlangothi ezithintekayo zisazoqhubeka, kunenhlansi yethemba kanye nokuzibophezela ekubuyiseni ukuzinza , ukusebenzisana kanye nokwethembana ngaphakathi emkhandlwini.
Kuhlelwa umhlangano ophuthumayo lapho uMhlonishwa uMeya ezohlangana khona mathupha nabasebenzi ukuze baxoxe kabanzi ngalolu daba. Isimemo esizoveza usuku, isikhathi kanye nendawo yomhlangano sizokhishwa maduze.
Ngemuva komhlangano, isigungu esiphezulu sikaMasipala sibe sesivakashela iPrince Mangosuthu Buthelezi Airport, lapho kufikele khona izimpahla zabasebenzi. Lezi zimpahla kulindeleke ukuthi zethulwe kubasebenzi maduze nje.
UMasipala uyaqhubeka nokuzibophezela ekusebenzisaneni nabo bonke ababamb'iqhaza, ikakhulukazi abasebenzi nezinyunyana zabo, ngenhloso yokuqinisekisa ukuzinza, ukusebenza kahle kanye nokulethwa kwezidingo ngendlela efanele emphakathini waseZululand.
*Zululand District Mayor, Cllr M.B. Khumalo, met with IMATU, SAMWU and municipal management to address employee concerns. An agreement was reached to compensate affected employees, while further engagement with staff will take place soon.
The Executive Committee also visited Prince Mangosuthu Buthelezi Airport following the arrival of personal protective equipment (PPEs) , which is specialized gear worn to lower the risk of injuries and illnesses in hazardous work environments, for municipal employees.*
"Inqubekela phambili ngobuqotho".